KULINDELEKE ukuthi agwetshwe ngoJuni 14, owesilisa olahlwe ngamacala angu-61 okudlwengula, ukweba nokushaya.
UMoses Mavila ubesolwa ngokudlwengula abesifazane emgwaqweni uM19 eThekwini.
NgoLwesine olwedlule ulahlwe ngamacala ngemuva kokuwavuma phambi kweNkantolo yeMantshi ePinetown ngoLwesibili.
Amacala angu-34 kwabekwe wona awokudlwengula, amanye awokweba amaselula nemali yabagilwa ngemuva kokubadlwengula.
Kuthiwa uMavila wayekhohlisa abesifazane ngokuthi ubatholele umsebenzi eWestville nasePinetown, entshonalanga neTheku. Wayehamba nabesifazane bese ebahlasela emgwaqweni uM19 lapho ayebadlwengula ekhona.
UMavila waboshwa ngoFebhuwari nonyaka eNew Germany ngemuva kokudlwengula owesifazane oneminyaka elinganiselwa ku-25 kuwo lo mgwaqo.
Enkantolo kuvele ukuthi uMavila waqala ukugila le mikhuba
ngo-2013 kanti abagilwa ababike ngokudlengulwa nguMavila babeneminyaka ephakathi kwengu-20 no-58 ngenkathi bedlwengulwa.
UMavila wayebuye enza amanye ala macala eKenville, eCato Manor, eNanda, eWestville nakwezinye izindawo.