Kuzo zonke izinto zomuntu ezifanelwe wukuhlonishwa ayikho ebaluleke eyedlula ukuhlonipha izitifiketi ezimchaza isigaba akusona.
Yebo siyavuma ukuthi kuyenzeka umuntu abukeke elula sidalo sakhe kodwa uma sewubone izitikiketi zakhe kufanele uzincenge umhloniphe.
Okufanele ukuqonde ngesitifiketi somuntu wukuthi akasiphiwanga kodwa wasisebenzela kanzima evivinywa ukuze kubonakale ukuthi simfanele. Kuyiphutha elikhulu ukuthi umuntu usumazi ukuthi unezitifiketi ezithile kodwa wena uqhubeke umbukele phansi ngoba uthi izitiketi zakhe zisezingeni eliphansi.
Ngokomthetho kufanele umuntu umhloniphe ngisho ekukhombisa ukuthi unesitifiketi sokufuya izinkukhu ngoba ukufuya izinkukhu kudinga ikhono elisesigabeni esithile.
Le nkinga ehlasele umdlalo kamathandana isukela ekutheni abantu bangena othandweni benganazo izitifiketi neziqu zezothando.
Abantu bangena othandweni bedavuza ngoba bethi banezipiliyoni, uthole ukuthi umuntu usekhala ngokuhlukumezeka kodwa kube kunguye osukela imfundamakhwela wayinika uthando ibingakhombisanga ukuthi iluqeqeshelwe.
Uma uqonywa wumuntu kufanele akukhombise isitifiketi esimchazayo ukuthi waqala nini ukuqoma, sewaqoma abantu abangaki nokuthi wehlukaniswa yini nalabo bantu ayebaqomile.
Ngokunjalo nomuntu oqomisayo kufanele akukhombise iziqu zokuqonywa kwakhe ngoba kungenzeka uthi uqoma umuntu kanti akanalwazi lokuthi uziphatha kanjani umuntu oseqonyiwe.
Kungenzeka ukhale ngokuthi uhlushwa yisoka oliqomile kube kunguwe osukele umphuphe kafesitiye ongakaze uqonywe.
Njengobani ongajabulela ukuthi unenkulisa yokucathulisa umuntu amfundise ukuthi kuqatshulwana kanjani emdlalweni kamathandana.
Okusempeleni kufanele ngabe kwakhona ukuqabula kunezitifiketi zakhona ngoba kunabantu obona usubaqabula ukuthi badinga ukuqeqeshwa okujulile. Umuntu uthi uyamqabula avele avule umlomo awenze isiphevulana. Uthi uyaqabula uzwe ekuhlaba ngamazinyo akulimaze izindebe zomlomo.
MaSolezwe okaVolos akashayi umthetho kodwa uphakamisa ukuthi sibekhona isitifiketi esicacisayo ukuthi umuntu oqala ukuqoma uyophinde akuyeke ngasiphi isikhathi. Izinkinga eziningi zothando zinomsuka wokuthi abantu bazi ukuthi banelungelo lokuqoma baze bayongena egodini.
Kuyiphutha elidinga ukulungiswa ukuthi zingabi bikho iziqu zokuthi umuntu oshelayo kufanele akuyeke uma sekunjani.
Sikule nkinga yabantu abashela ngisho sebezingubo zilengela eweni ngenxa yokuthi awukho umgomo obekiwe othi awube usashela uma sewufike eminyakeni ethile ngoba usuke sewufana nomuntu odlala ngegeja kuziliwe.
Bakwethu le ndaba yezitifiketi iyisidingo esikhulu nokufanele abantu babonisane ngayo ngoba kulula ukuthi umuntu kuthiwe uyinto ethile ebe engeyona.
Sekukaningi ngibona abantu bebizwa ngamaphara, uma sewuthi uyalandela uthole ukuthi lo muntu uyisigebengu esibamba inkuzi akasilona iphara. Lesi simo sifakazela ukuthi kufanele sibekhona isitifiketi sobuphara, uma kuthiwa umuntu uyiphara kufanele kucaciswe ukuthi wangena nini ebuphareni.
Ngokomthetho akufanele kuthiwe umuntu uyahlanya sibe singekho isitifiketi sokuhlanya esikhomba ukuthi ukuhlanya kwamqala nini nokuthi ukuhlanya kwakhe kusezingeni elingakanani.