Izindaba

Isicelo sikaRamaphosa esizweni efungiswa njengomengameli

DELI MNCWABE|Published

UMENGAMELI waseNingizimu Afrika uCyril Ramaphosa ebingelela abantu ngemuva kokufungiswa ukuba wumengameli eLoftus Versveld Stadium ePitoli izolo Isithombe: Siphiwe Sibeko/Pool Photo via AP UMENGAMELI waseNingizimu Afrika uCyril Ramaphosa ebingelela abantu ngemuva kokufungiswa ukuba wumengameli eLoftus Versveld Stadium ePitoli izolo Isithombe: Siphiwe Sibeko/Pool Photo via AP

UMENGAMELI wezwe uMnuz uCyril Ramaphosa usebenzise umcimbi wokufungiswa kwakhe ukumemezela ukubaluleka kwesiqalo esisha eNingizimu Afrika.

URamaphosa ubethula inkulumo ngemuva kokufungiswa abe ngumengameli omusha wezwe nguMengameli wamajaji, iJaji Mogoeng Mogoeng emcimbini obuseLoftus Versveld, ePitoli, izolo.

URamaphosa unxuse umphakathi ukuba ubambisane kwakhiwe isizwe esikhululekile nesinomphakathi olinganayo.

“Asakhe isizwe esizokhombisa ukukhula kwezomnotho, ubumbano esizweni, umhlaba okhiqizayo nemiphakathi esebenzayo,” kusho uRamaphosa.

Uqhube wathi abantu bakuleli kufanele bakwazise ukusebenza kanzima baphinde bazimisele ukusiza abantu abasebasha ukuze nabo bazi ukuthi yini okufanele bayenze ukukhulisa leli zwe.

Ukhale kakhulu ngezinselele izwe elibhekene nazo okuyinkohlakalo nokushaya ngonyawo lonwabu kwentuthuko emphakathini. Uthe lezi ngezinye zezinto azolwa nazo.

URamaphosa wenze isithembiso esizweni sokuthi konke okungahambi kahle kuzosukunyelwa wuhulumeni.

Le nkulumo ibithanyelwe yizinkumbi zabantu nezitatanyiswa zasemazweni angomakhelwane ezikhombise ukuyijabulela ngokushaya izandla nongokushaya amakhwela.

Kulo nyaka kwenzeke ingqophamlando ngokuthi lo mcimbi ube senkundleni yezemidlalo. Eminyakeni edlule ububanjelwa e-Union Building.

Umcimbi ubuhanjelwe ngomengameli baphambilini okubalwa kubona uMnuz F.W de Klerk noMnuz Thabo Mbeki abehehamba namakhosikazi abo.

UMnuz Jabob Zuma ubengekho kanti unkosikazi wakhe uNkk Bongi Ngema- Zuma ufike ehamba yedwa.

Umbutho wezokuvikela wakuleli ujabulise abaningi ngemiviliyelo nangokuntweza ngamabhanoyi emoyeni.

Okunye okuqaphelekile kulo mcimbi, wukuthakaselwa kowayengumengameli wakuleli uMnuz Thabo Mbeki obehamba nowakwakhe uNkk Zanele Mbeki.

Nokho uDe Klerk naye owake waba wumengameli ngesikathi sengcindezelo, akakutholanga ukuthakaselwa okunalokho izihambeli zizwakalise imisindo yokungamnambithisisi.