Isithombe esigciniwe Isithombe esigciniwe
IZIQHWANDELE ulaka lomakhelwane bayo indoda yaseRichards Bay evele yagxumeka isibaya maqede yathela umhlambi wezinkomo ezingu-15 phakathi endaweni yomtakabani exube izinhlanga.
Omakhelwane bayicebe kuMasipala uMhlathuze oyinqumele ugwayi katiki ukuba ikhiphe izinkomo zayo noma ibhekane nomthetho. Okhulumela uMasipala uMhlathuze, uMnuz Mdu Ncalane, uthe bayile ukuyobheka isimo bafica kuphambana uphondo izinkomo zigcwele isibaya.
"Umnikazi wezinkomo wephule umthetho iNuisance By-law ngokufuya izinkomo endaweni engafanele," kuchaza uNcalane.
UNcalane uthi umnikazi wezinkomo uthunyelelwe ngencwadi emnqumela ukuba alungise isimo.
Ikhansela lendawo uMnuz Lesley Josephs uyena obehola umphakathi obulwa nale nkinga yezinkomo. Sekuphele izinyanga eziyisithupha bezama ukulwa nale ndoda.
UJosephs uthe inkomo eyodwa yangena kwiswimming pool yomunye umakhelwane.
Ikhansela lithi amalungu omphakathi abekhalaza njalo ngoba izinkomo bezitholakala zehla zenyuka zingenamelusi. Inhlangano Okhulumela uphiko olubhekele izilwane iSPCA uMeg Wilson, uthe bakhathazekile ngesimo sezilwane ukuthi ngabe bezinakekekleke ngendlela yini