UNkk Mchunu oyinkosikazi kaNdunankulu ophumayo KwaZulu-Natal uMnuz Willies Mchunu, uhlanganise amavolontiya kwaqala ukuqoqwa kwemfucuza nokuhlanzwa kweTheku izolo. UNkk Mchunu oyinkosikazi kaNdunankulu ophumayo KwaZulu-Natal uMnuz Willies Mchunu, uhlanganise amavolontiya kwaqala ukuqoqwa kwemfucuza nokuhlanzwa kweTheku izolo.
UKUKHATHAZEKA ngokuxathuka kwemigwaqo yeTheku kwenze uNkk Zodwa Mchunu wasukuma ukusiza umphakathi.
UNkk Mchunu oyinkosikazi kaNdunankulu ophumayo KwaZulu-Natal uMnuz Willies Mchunu, uhlanganise amavolontiya kwaqala ukuqoqwa kwemfucuza nokuhlanzwa kweTheku izolo.
“Umsebenzi esiwenze namhlanje uyisiqalo sokuzoqhubeka kwenzeke eThekwini. Sifisa ukubona izindawo zethu namadolobha ehlanzekile nomphakathi ukujabulela ukuba kuzona,” kusho uNkk Mchunu.
Uthe isikhalo ebesesiqhubeke isikhathi eside sokungagculisi kwezinga le nhlanzeko kuleli dolobha simenze wabona ukuthi kuhle athole abanombono ofana nowakhe balihlanze.
“Ngikwaze ukuthola amavolontiya angu-57 esisebenze nawo usuku lonke sihamba imigwaqo yeTheku siqoqa udoti. Ngifisa ukubabonga bonke labantu ngoba abakwenzile kusuka enhliziyweni, abadinge nkokhelo. Ngokubambisana siyethemba ukuthi umbono wethu uzogcina ufezekile,” usho kanje.
Nakuba eqale ngeTheku, uNkk Mchunu uthe bazodlulela nakwezinye izindawo kwenziwe okufanayo. Ngokwezinhlelo zikaNkk Mchunu idolobha bazolihlanza kabili ngesonto ukuze libe sesimeni esifanele.
Uthe nakuba beqoqa udoti kodwa baphinde bashanele, baphale udoti phansi baphinde baphakamise nezitamkoko batatulule okuvimbe ukugeleza kwamanzi.
Uthe lo mkhankaso uwenza ngaphansi kweZodwa Mchunu Foundation enemikhankaso eminingi esiza umphakathi.
Uncome ukubambisana nomasipala weTheku nakubasebenzi bakwaSolid Waste, amaphoyisa nabanye ababe neqhaza kulo mkhankaso.
Uphinde wagqugquzela nabanye ukuba basukume bahlanze izindawo abahlala kuzona ukuze zibe zinhle.