Izindaba

I-IFP ishaya amakhala ngokuqokwa kukaNdobe

Lungile Landela|Published

Mluleki Ndobe Mluleki Ndobe

ISHAYE amakhala i-IFP ngokuqokwa kobeyiMeya yaseHarry Gwala uMnuz Mluleki Ndobe, njengePhini likaSomlomo esiShayamthetho saKwaZulu-Natal.

INkatha ikhale ngokuthi kumele aveze abantu abamakhela itulo lokuthi aboshwe ngenxa yokuthi ephuma ejele washo njalo.

Umholi we-IFP esiShayamthetho, uMnuz Velenkosini Hlabisa, uthe kumele aphumele obala abaveze abamakhela itulo ukuze abe yilungu elihloniphekileyo.

Uthe uma engakwenzi lokhu kuzosho ukuthi bamthulise ngesikhundla lesi abamnike sona.

Uthe bafuna asule esikhundleni uma ehluleka ukwenza lokhu.

UMnuz Super Zuma uphakamise uNksz Nontembeko Boyce njengoSomlomo wesiShayamthetho.

UNksz Boyce uthe uyathemba kuzoba nokusebenzisana okuhle esiShayamthetho wanxusa namaqembu ukuthi asebenzisane.

Kwabanye babantu abafungisiwe kubalwa uMnuz James Nxumalo, weSACP, uNkk Peggy Nkonyeni okhuze ibuya esiShayamthetho njengoba ebesePhalamende likazweonke nabanye abaholi.