Izindaba

Umasipala usukumela inkinga yamanzi eMgungundlovu

Thami Magubane|Published

Isithombe esigicniwe: Cindy Waxa/Reporter ANA Isithombe esigicniwe: Cindy Waxa/Reporter ANA

IZIKHULU zikaMasipala waseMsunduzi eMgungundlovu zibe nomhlangano ophuthumayo nomphakathi waseVulindlela, e-Elandskop, ngenhloso yokubonisana ngenkinga yamanzi ekhungethe izakhamuzi. 

Lezi zikhulu ziphoqelekile ukuzohlangana nalo mphakathi ngemuva kokuba uvuke uke umbhejezane ngesonto eledlule, wabhikisha futhi wavimba imigwaqo.

Umhlangano ububanjelwe endaweni yakwaMncane. Izakhamuzi bezikhalaza ngokunqamuka kwamanzi osekuphenduke insakavukela umchilo wesidwaba, nokwenza umphakathi uhlale ungenawo amanzi ngezinye izinsuku noma uwathole phakathi kwamabili, sekulele wonke umuntu. 

 Kunemibiko engaqinisekisiwe ethi kuke kwaba nokungqubuzana kwamalungu omphakathi namaphoyisa ngesonto eledlule futhi kunamanye aze akhalelwa ngamasongo kaSigonyela. 

“Sisazohlupheka isikhathi eside,” kusho esinye isakhamuzi sakule ndawo futhi esisebenzela umasipala. “Ngike ngakhuluma nezikhulu zikamasipala ezithe umkhandlu ube nephutha ngokuphuca amandla okuletha amanzi ngoba uyahluleka. Selokhu wathatha izintambo, sesihlale singenawo amanzi,” kusho lomthombo. AboMsunduzi bathe basebenzisana nabanye ukunqanda lenkinga yamanzi.