Izindaba

#Ukhetho2019: ‘Amaqembu amancane azolandela ngemuva njengenjwayelo’ - Zuma

Samkelo Mtshali|Published

UZuma izolo uvote eNkandla namakhosikazi akhe uNkk Thobeka KaMadiba, uNkk Bongekile MaNgema Zuma noNkk Sizakele maKhumalo Zuma eNtolwane Primary School, esigodini sakwaNxamalala. Isithombe: MotshwarI Mofokeng/African News Agency(ANA) UZuma izolo uvote eNkandla namakhosikazi akhe uNkk Thobeka KaMadiba, uNkk Bongekile MaNgema Zuma noNkk Sizakele maKhumalo Zuma eNtolwane Primary School, esigodini sakwaNxamalala. Isithombe: MotshwarI Mofokeng/African News Agency(ANA)

OWAYENGUMENGAMELI wakuleli uMnuz Jacob Zuma, uthi kumjabulise kakhulu ukuthi azibanga bikho izigameko ezishaqisayo ezenzekile ngaphambi kokhetho nangenkathi sekuvotwa ngoLwesithathu.

UZuma izolo uvote eNkandla namakhosikazi akhe uNkk Thobeka KaMadiba, uNkk Bongekile MaNgema Zuma noNkk Sizakele maKhumalo Zuma eNtolwane Primary School, esigodini sakwaNxamalala.

Ngesikhathi efika kulesi sikhungo sokuvota uZuma, abantu iningi labo ebeligqoke izikibha ze-ANC, bebemjabulela bethi ‘Zuma! Zuma! Zuma’ - wabaphakamisela isandla ebabingelela.

Ngaphambi kokuthi akhulume nabezindaba uZuma uveze ukuthi uxinwe umkhuhlane wabe eseveza nokuthi akuyona imfihlo ukuthi uvotele i-ANC.

“Ngijabule kakhulu ukuthi sengivotile endaweni yakithi, nginethemba lokuthi konke kuzohamba ngendlela, amaqembu amakhulu azoba phambili, amancane azolandela ngemuva njengenjwayelo. Okubhekwayo manje ukuthi alandela ngemuva kangakanani amaqembu amancane,” kusho uZuma.

UZuma uthe ukwanda kwamaqembu angenela ukhetho kuyizithelo zokuphila ngaphansi kwentando yabantu. Uthe kumjabulisile ukuthi azibanga bikho izimpi ngaphambi kokhetho.

“Abantu sebeyabona ukuthi akusiyona impi, intando yabantu bencintisana ngokuthi iliphi iqembu okufanele lihole. Ukuvota kubaluleki ngoba kufanele ufake ivoti lakho lapho owaziyo ukuthi kuzosetshenzwa kuthuthukiswe izwe,”  kusho uZuma.

UZuma ube esesola amaqembu ngokungagxili ekutheni yini abafuna ukuyenzela abantu bakuleli, kulakho agxile kwiziqubulo ezihehayo kuphela.