Isithombe esigciniwe: Rogan Ward/Reuters/African News Agency (ANA) Archives Isithombe esigciniwe: Rogan Ward/Reuters/African News Agency (ANA) Archives
UFUNA ukunxeshezelwa ngoR570 000 owesifazane wasePitoli olinyazwe yitrolly yaseWoolworths iginqika kulandela ukuthi ehluleka ukuyilawula igcwele igilosa.
UNkk Maria Conradie (73) uthi walimala ephuma ukuyothenga kuWoolworths waseKolonnade Shopping Centre, esendleleni eya emotweni yakhe.
UConradie uthi wahluleka ukulawula itrolley ngesikhathi esedlula kumabhampi (speed-humps) ngayo, yabhajwa, yabe isiwela kuye ohlangothini lwesokudla walimala.
Izolo uConradie wazise inkantolo enkulu eGauteng ukuthi ingalo yakhe yesokudla nehlombe akusasebenzi ngoba akusenamizwa futhi usele nezibazi ezingasuki.
Uthe usola ubudedengu besitolo sakwaWoolworths ngokuba namatrolly angekho esimeni. Uthe isondo lale trolley eyamlimaza lalingahambi ngendlela, okuyiso isizathu sokuthi igcina iginqikile.. Ngokubona kwakhe, lesi sitolo siyazi ukuthi abantu bayawasebenzisa amatrolley aso ngakho ngokomthetho, kufanele baqinisekise ukuthi asesimeni esifanele.
IWoolworths ikuchithile okushiwo nguNkk Conradie, yasola yena ngokuba budedengu ngokugcwalisa itrolly mfi, bathi yikho okudale ukuthi iginqike itrolly.
Abakulesi sitolo baqhube bachaza ukuthi bebengenalwazi ngalesi sehlo nokuthi akukho uNkk Conradie abasola ngakho ngoba ababophezelekile ukunakekela umphakathi uma usebenzisa ama trolly abo.
Icala ligcine lihlehliselwe esinye isikhathi esizonqunywa yinkantolo.