UNKK Patricia de Lille weqembu iGood umangalele iDA ngokuqamba amanga ngokuthi yamxosha, lapha uthathwe nabalandeli bakhe ngaphandle kweNkantolo eNkulu yaseWestern Cape UNKK Patricia de Lille weqembu iGood umangalele iDA ngokuqamba amanga ngokuthi yamxosha, lapha uthathwe nabalandeli bakhe ngaphandle kweNkantolo eNkulu yaseWestern Cape
UMHOLI weGOOD, uNkk Patricia de Lille, uthi izinkulumo zeDA zokuthi waxoshwa kuleli qembu zilimaza inhlangano yakhe entsha.
Uthe uphoqeleke ukuthi ayoyimangalela enkantolo yokhetho iDA ngoba ayifuni ukuxolisa ngokulokhu iqamba amanga ithi yamxosha ekubeni wazihambela. “Izinkulumo zeDA ziyibukela phansi imigomo yokhetho olukhululekile ngoba yize itsheliwe ukuthi ayixolise isaqhubeka nokwenza lezi zinkulumo. Udaba ngiludlulisele enkantolo yokhetho ngaluyisa nasenkantolo eNkulu yaseWestern Cape. Isinqumo ngizosizwa ngoLwesihlanu.”
Ummeli kaNkk De Lille uthe lolu daba kufanele luxazululwe ngaphambi kokhetho. Uthe lezi zinkulumo ziyawulimaza umkhankaso wakhe nenhlangano yakhe entsha.
“Sichithe imali eningi kabi sikhankasa saze sakwazi ukuthi igama leGood libe sematheni kubantu baseNingizimu Afrika. Amanga eDA ayasilimaza, azokwenza ukhetho lungakhululeki,” kusho uNkk De Lille.
Uthe kulezi zinyanga ezine ezedlule iqembu lakhe lisebenza kanzima ukuqinisekisa ukuthi abantu bayayishiya i-ANC neDA bavotele iGood eza nokuhlukile.
“Ucwaningo luveza ukuthi abantu bakhathele iDA ne-ANC. Sinabantu abaningi abakhankasayo emazingeni aphansi, senze izikhangiso emsakazweni nakwithelevishini kodwa iDA ilokhu iqamba amanga, ingcolisa igama lethu.”
Ngonyaka odlule uNkk De Lille waba nesivumelwano neDA esaholela ekutheni asule esikhundleni sakhe sokuba yiMeya yaseCape Town.
NgoLwesibili umholi weDA uMnuz Mmusi Maimane uthe uNkk De Lille washeshe wahamba ngaphambi kokuthi axoshwe kwiDA ngoba vele base bezomxosha.
“Sasinenkinga yamanzi eWestern Cape futhi kunemibiko yenkohlakalo kuMasipala waseCape Town, abaholi bethu babethatha izinyathelo ngabantu abathintekayo kule mibiko. Uma esebona ukuthi uzoxoshwa uNkk De Lille wavele wagxuma. Wayazi vele ukuthi isinqumo sokumxosha sesithathiwe,” kusho uMaimane.