Izindaba

Kuboshwe owesifazane ‘obulale’ umshana (17) ngokumcwilisa emanzini abilayo

Jonisayi Maromo|Published

UKHALELWE ngamasongo kaSigonyela owesifazane (32) waseSunnyside ePretoria osolwa ngokubulala umshana wakhe (17).  

Lo wesifazane, igama lakhe elisagodliwe lakhe kuze kube uvela enkantolo, uboshwe kulandela ukuzobika ‘ngokuzibulala’ komshana wakhe esiteshini samaphoyisa eSunnyside. 

Amaphoyisa asole lo wesifazane ngokuzama ukudukisa umkhondo ngokuthi umshana wakhe uzibulele kulandela ukuhlolwa kwesidumbu.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Daniel Mavimbela, uthe uphenyo luqale emva kokutholwa kwesidumbu sinamanxeba okusha ngenhla nangezansi emzimbeni. 

“Sikhokholelwa ekutheni kusuke ingxabano phakathi komsolwa nomshana wakhe izolo (ngoLwesibili) ntambama, lapho umsolwa ethathe umshana wakhe wamcwilisa emanzini ashisayo eflethini labo eSunnyside” kuchaza uCpt. Mavimbela.

Amaphoyisa asalindele umphumela wokuhlolwa kwesidumbu ukuthola imbangela yokufa kwakhe.

Ngokomthombo osebenza egatsheni labaluleka amaphoyisa ngokomqondo uma edlula ezimeni ezinyantisa igazi, amaphoyisa abizelwe endaweni yesigameko achaze akubonile njengento eshaqisayo futhi ethusayo kakhulu.

UMavimbela uthe la maphoyisa asazoqhubeka alulekwe. Uthe umsolwa kulindeleke ukuthi avele enkantolo yeMantshi yasePretoria kuleli sonto.