Izindaba

I-ANCYL ifuna ziphume izaguga ezikhundleni

Samkelo Mtshali|Published

UNOBHALA we-ANCYL KwaZulu-Natal uMnuz Thanduxolo Sabelo ufuna i-ANC ime ngokufaka amakhehla nezalukazi ezikhundleni Isithombe: FACEBOOOK/ THANDUXOLO KAMDUDUZI LANGELIHLE KAMDUDUZI SABELO UNOBHALA we-ANCYL KwaZulu-Natal uMnuz Thanduxolo Sabelo ufuna i-ANC ime ngokufaka amakhehla nezalukazi ezikhundleni Isithombe: FACEBOOOK/ THANDUXOLO KAMDUDUZI LANGELIHLE KAMDUDUZI SABELO

UNOBHALA we-ANCYL KwaZulu-Natal uMnuz Thanduxolo Sabelo, uthi sesiphelile isikhathi samakhehla nezalukazi ezinamakhanda aqinile ezifakwa ezikhundleni zikahulumeni, ezifike zidle ubuthongo zikhohlwe nokuthi zifakelweni.

USabelo ubekhuluma eDurban University of Technology ngeledlule lapho ebekhankasa khona kubafundi ukuba bangayilahli i-ANC.

USabelo uthi abanye abaholi asebegugile bacishe befele khona ezikhundleni ngoba banenkani bengalufuni ushintsho, bahlushwa amakhanda alukhuni.

Lo nobhala kaVukayibambe ubehambisana noMnuz Malusi Gigaba oyilungu lesigungu esiphezulu kwi-ANC futhi osohlwini lwabaya ePhalamende.

Bekukhona noMengameli we-ANCYL uMnuz Collen Maine oseqedela ihlandla lakhe.

“Uma umuntu eguga ziba yinkinga ezinye izinto futhi yinto eyenzekayo kubantu bonke le. Abanye bagcina bekhohlwe ngisho yizinqumo ezithathwe yi-ANC ngonyaka odlule bagcina bengazi nokuthi lidumephi. Uphiko lwentsha kufanele lukuqede nya lokhu," kusho uSabelo.

Uze walinganisa nge-IFP wathi bayikhipha emandleni KwaZulu-Natal ngoba yabe isikhathele isisebenza ngamakhehla nezalukazi zodwa.

Uthe bafuna ukubona uSihlalo we-ANCYL KwaZulu-Natal uMnuz Kwazi Mshengu efakwa esikhundleni sikangqongqoshe emuva kokhetho lukazwelonke.

Uthe uma kungenjalo kuyobe kukhomba ukuthi awukho lowo hulumeni.

Uthe bayazi ukuthi ngeke kube lula ukuthi i-ANC inqobe ukhetho kodwa banalo ithemba lokuthi abantu bazophuma ngobuningi babo ukuze banqobe ngamalengiso. Uthe awayiboni inselelo ephonswa amaqembu aphikisayo

okhethweni.

USabelo uthwelwe ngeqoma ekuthatheni isikhundla sikamengameli we-ANCYL kuzwelonke .