Izindaba

‘Uzagiga uyingozi kodwa abantu abawunaki’

Zanele Mthethwa|Published

UKUGOMA kuphela okungavikela ukuhlaselwa wuzagiga, okuyisifo esimandla ezinganeni Isithombe:PBS.ORG UKUGOMA kuphela okungavikela ukuhlaselwa wuzagiga, okuyisifo esimandla ezinganeni Isithombe:PBS.ORG

KUNGABA yingozi kakhulu ezinganeni ezingagonywanga ukuhlaselwa wuzagiga ngoba kungadala nezinye izifo.

Uzagiga yisifo esijwayeleke ezinganeni esivuvukalisa ngezansi kwezindlebe noma ngezansi kwezihlathi.

UDkt Portia Kheswa-Masinga osebenzela eSouth Beach, eThekwini, uthe yisifo esiyingozi kakhulu kodwa abantu abasinaki.

Okwenza sibe yingozi wukuthi siyathelelana ngezindlela ezi­ningi. Izinkolelo zakudala zokuthi isifo kasimdingi udokotela zingaba nomthelela omubi.

“Lesi sifo siyagonyelwa njengezinye ezihlasela izingane. Kumele ingane ithole imigomo emibili yaso. Uma isinezinyanga eziyisishiyagalolunye neziwu-18. Ukugomela uzagiga kwehlisa amathuba okuthi noma kwenzeka ukuhlasela, ungabi nawo amandla.”

Yize ethe uhlasela izingane, uthe kuyenzeka nabadala ubaphathe. Lokhu kwenzeka uma umuntu engagomanga esemncane. Indlela yokwelapha uzagiga wukuvakashela udokotela, uthole imishanguzo bese uyaphumula ekhaya. Uthe umzimba udinga ukuphumula ngokwanele ukuze uzagiga usheshe uphele.

“Umuntu ophethwe wuzagiga kumele ahlale ekhaya ngoba angathelela abanye uma eya esikoleni noma emsebenzini. Igciwane lawo liyashesha ngoba lihamba ngomoya. Ezinye izimpawu ezihambisana nawo wukukhwehlela nokuthimula. Yingakho kumele umuntu amboze uma ekhwehlela ukugwema ukuthelela abanye,” kweluleka uDkt Kheswa-Masinga.

Indlela uzagiga oyingozi ngayo, uma ungasheshi ukulashwa ingane yomfana ingavuvukala amankwahla igcine inenkinga yokuthola izingane uma isikhulile.

Kwabanye kuvuvukala ubuchopho obungadala ubuhlungu bekhanda i-migraine.

Ngokujwayelekile uzagiga uqala kube ngathi umuntu uphethwe wumkhuhlane futhi kuqala lapho ukuthelelana. Ophethwe wuzagiza kumele ajwayele ukugeza izandla njalo ukugwema ukuthelela abanye. Ukugoma uma uzoya kwamanye amazwe nakho kubalulekile ngoba uzagiga ungawuthola nasekuhambeni. Uyathelelana nangokuthinta osenawo, ukumqabula nokuthinta lapho abethinte khona.

Nazi ezinye izimpawu zikazagiga:

-Ukuphathwa yikhanda elingapheli.

-Ukukhwehlela, ukuthimula nokushisa komzimba.

-Ukuqhaqhazela umzimba. Ukuvuvukala nobuhlungu bomphimbo.

-Ubunzima bokugwinya ukudla nokusaketshezi.

-Ukuvuvukala ezansi kwesihlathi noma zombili.