Izindaba

Uphenyo ngokufa kukasomatekisi

Sakhiseni Nxumalo|Published

Isithombe esigciniwe Isithombe esigciniwe

AMAPHOYISA aphenya ngecala lokubulala ngemuva kokudutshulwa kushone umnikazi wamatekisi akusoseshini iDolphin Coast Taxi, ngaKwaDukuza, ngoLwesithathu.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col Thulani Zwane, uthe owesilisa oneminyaka engu-40 udutshulwe washona ehleli emotweni yakhe iMercedes Benz ngehora lesishiyagalolunye ekuseni.

“Kukholakala ukuthi uhlaselwe abasolwa ehleli emotweni yakhe ebipakile. Abasolwa babaleke ngezinyawo emva kokumdubula. Icala libe selivulwa emaphoyiseni aseMhlali,” kusho uLt Col Zwane.

Ngenkathi abosizo oluphuthumayo befika ndaweni yesigameko bafice owesilisa obesemotweni yakhe eseshonile.

Okhulumela abosizo oluphuthumayo, i-International Prostate Symptom Score (IPSS), uMnuz Paul Herbst, uthe umsolwa udutshulwe kaningi.

UMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal uthe ukhathazekile ngokwanda kwezigameko zokubulawa kosomatekisi.

Okhulumela umnyango, uMnuz Kwanele Ncalane, uthe ukubulawa kosomatekisi kudala ukwesaba kubantu abakule mboni.

“Sihlela ukuhlangana neSouth African National Taxi Association (Santaco) ukuze sidingide izinkinga ezibhekene nomkhakha wamatekisi,” kusho uNcalane.

Uthe ababaningi ososeshini abanenkinga yokubulawa kosomatekisi kodwa uthe inkinga yokubulawa kwabo kumele ixazululwe.

USihlalo weSantaco, uMnuz Boy Zondi, uthe ushaqekile ngalesi senzo.

“Asikho isidingo sokubulalana phakathi kosomatekisi. Sigqugquzela ukuthi osomatekisi uma benezinkinga baxoxisane ukuze baxazulule izinkinga,” kusho uZondi.