Ukunqanyulwa kukagesi kubangela izakhamuzi isicefe ngoba kuphazamisa izinhlelo, ikakhulukazi uma usunqanyulwa kabili osukwini. Isithombe: Jacques Naude/African News Agency(ANA) Ukunqanyulwa kukagesi kubangela izakhamuzi isicefe ngoba kuphazamisa izinhlelo, ikakhulukazi uma usunqanyulwa kabili osukwini. Isithombe: Jacques Naude/African News Agency(ANA)
LELI sonto libe nzima kakhulu eNingizimu Afrika ngenxa yenkinga yokunqanyulwa kukagesi okwenzeke ezweni lonke.
Abantu bacikekile yisimo izwe elikusona ngenxa yokuthi inselelo i-Eskom ebhekene nayo iwumphumela wenkohlakalo, ukulawulwa koMbuso yidlanzana nokungaphathwa ngendlela kwenkampani ephehla amandla kagesi.
Iziphathimandla zithi zisebenza ubusuku nemini ukuzama ukulungisa inkinga yokunqanyulwa kukagesi.
Okuvelile esithangamini nabezindaba ebesibizwe nguNgqongqoshe wezamaBhizinisi kaHulumeni, uMnuz Pravin Gordhan, wukuthi isimo simapeketwane e-Eskom ngenxa yokuthi kuneziteshi ezinkulu ezidinga ukulungiswa ezingasasebenzi ngendlela.
Kuvele nokuthi awusekho udizili ezinqolobaneni ze-Eskom ozobhekana nezikhathi ezinjengalesi esikusona esibangele ukuthi kusetshenziswe izigidi zamalitha kadizili.
Kubaluliwe nokulahleka kwamandla kagesi angu-1 150 megawatts esiteshini esiseCahora Bassa ngenxa yesishingishane esenzeke eMozambique.
Ukuhlolwa kweziteshi kusaqhubeka kodwa nokunqanyulwa kukagesi kuyaqhubeka nokushaya abantu baseNingizimu Afrika.
Sibi isimo kosomabhizinisi abasathuthuka nabancane abaqholeka ukuvala izindawo zokusebenza njalo uma kunqanyulwa ugesi.
Ukunqanyulwa kukagesi kubangela izakhamuzi isicefe ngoba kuphazamisa izinhlelo, ikakhulukazi uma usunqanyulwa kabili osukwini.
Kunovalo futhi lokunyuka kobugebengu njengoba nezigebengu zibona intuba ngoba kusuke kumnyama amanye ama-alamu engasebenzi.
Sidukuza ebumnyameni ngempela njengoba noGordhan evumile ukuthi asikho isixazululo esiyisimangaliso abanaso kepha basazama ukulungisa izinkinga.
Ngenkathi i-Eskom isabhekene nale nselelo, kusobala ukuthi kusekude phambili.
Into nje esingaziduduza ngayo siyisizwe wukuthi uhulumeni usegcine ebona futhi evuma ukuthi ikhona inkinga edinga ukusukunyelwa kwazise noMeyi 8 ususeMome.