Isithombe esigciniwe: Supplied Isithombe esigciniwe: Supplied
ZIYANDA izinkinga zabantu baseNingizimu Afrika njengoba ukunqamuka kukagesi kuqeda namanzi athunyelwa emakhaya nasemafemini.
NgoLwesine iRand Water ibike ukuthi ukunqanyulwa kukagesi kuphazamisa izinhlelo zayo zokuthumela amanzi kubantu ngoba amaphampu adinga ugesi ukuze asabalalise amanzi.
IMenenja kaMasipala weTheku uMnuz Sipho Nzuza, uthe ukuphela kukagesi sekuqalile ukuba nomthelela omubi ekuphakweni kwamanzi eThekwini.
Esitatimendeni uNzuza, uthe uma kulokhu kuhamba ugesi kugcina kuphazamiseka ukuthunyelwa kwamanzi kubantu.
Uveze ukuthi uMasipala weTheku uthwele kanzima ngoba kunezindawo okuthi uma kunqamuke ugesi amanzi angafinyeleli kuzona.
“Sidinga ugesi ukuze sithumele amanzi kubantu, uma unqamuka ugesi amaphampu athumela amanzi ebantwnini ayathikamezeka. Sesiqalile ukuthumela amanzi ngamaloli ezindaweni ezihlukene futhi sesizenzile nezinye izinhlelo zokuqinisekisa ukuthi abantu banamanzi ahlanzekile ngaso sonke isikhathi,” usho kanje.
Uqinise idolo abantu abakhele uMasipala weTheku ukuthi umasipala uzokwenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi uma kunqamuke ugesi abantu bayawathola amanzi.
Ucele abantu ukuthi babekezele uma bephelelwa ngamanzi ngenxa yokunqanyulwa kukagesi ngoba umasipala uzobathumelela amaloli athwala amanzi.
“Siyacela abantu basheshe babike uma bephelelwa ngamanzi ngoba kwesinye isikhathi kuyenzeka ukuthi kuqhume amapayipi. Siyaxolisa kwizikhamuzi zikamasipala eseziphelelwe ngamanzi. Sizokwenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi amanzi aziwasweli ngoba sinezinhlelo ezihlukene esizenzile ukubhekelela lesi simo,” kusho uNzuza.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngoLwesibili, uSihlalo weBhodi lakwa-Eskom uMnuz Jabu Mabuza, uthe inkinga yokunqamuka kukagesi inzima kakhulu ngoba iziteshi zokuphehlwa kukagesi zindala.
Ubalule ukuthi isishingishane esihlasele eMozambique naso sinciphisa ugesi waseNingizimu Afrika ngoba kulandwa u-900MW khona.
Kulindeleke ukuthi kuphume umbiko wezinkinga zeziteshi ezintsha zikagesi iMedupi neKusile kungakadluli uMashi 31.
I-Eskom icele abantu ukuthi bayizibe imibiko yokuthi ugesi uzonqamuka ezweni jikelele ngoba ukunqanyulwa kwawo sekungena esigabeni esidlula esesine.
Izinkampani zamaselula okubalwa kuzo iMTN zizwakalise ukuthi zifake ama-battery amasha kwiziteshi zamaselula ukuze ukuphela kukagesi kungaphazamisi i-signal yamaselula.
UNkk Jacqui O’Sullivan ophethe ezokuxhumana kwaMTN, uthe uma kunqamuke ugesi kuye kusebenze amabattery kwiziteshi zabo kodwa ngenxa yokuthi ugesi usuhamba isikhathi eside amabattery aze aphelelwe amandla.
“Sifake amabattery azohlala amahora amane kuya kwayisishiyagalombili ngoba ugesi usunqanyulwa isikhathi eside. Inhloso yethu wukuqinisekisa ukuthi abantu bayatholakala kumaselula abo ngaso sonke isikhathi,” kusho uNkk O Sullivan.