KULINDELEKE zivele enkantolo izelamani ezisolwa ngokudlwengula ziphindelela ukhokho wazo oneminyaka engu-96, eQwaQwa eFree State.
Lezi zelamani ezineminyaka engu-15 no-19 kubikwa ukuthi ziqale ‘ukudlwengula’ ukhokho wazo ngoDisemba nyakenye kodwa umndeni uze wabika ngalolu daba emaphoyiseni ngeSonto ngemuva kokuthola ukuthi zisaqhubeka nalokhu.
Okhulumela amaphoyisa e-Eastern Free State uSergeat Mmako Mophiring uthe umndeni wayisa ukhokho kudokotela ngoDisemba ngemuva kokusola ukuthi ubedlwengulwa. Kubikwa ukuthi udokotela wakuqinisekisa ukuthi udlwenguliwe.
Uthe umndeni wakhetha ukungawabikeli amaphoyisa ngaleso sikhathi wakhuluma nabafana bacelwa ukuthi bangaphinde ‘badlwengule’ ukhokho.
Umndeni uze wabikela amaphoyisa kulandela ukubona ukuthi basaqhubeka nalo mkhuba, babavulela icala lokudlwengula.
“NgoMsombuluko umsolwa oneminyaka engu-19 wazinekela esiteshini samaphoyiseni eMakwane. Lokho kuholele qamaphoyiseni kumsolwa wesibili oneminyaka engu-15,” kusho uMophiring.
Uthe umsolwa oneminyaka engu-15 kulindeleke ukuthi avele enkantolo ngoLwesibili, ona-18 kulindeleke ukuthi avele ngoLwesithathu enkantolo yeMantshi eMakwane.