Izindaba

Zikhishwa ngodli ezindlini izitshudeni zaseMUT

Sihle Mlambo|Published

KUBE ncane indawo ngoMsombuluko kubhikisha abafundi baseMangosuthu University of Technology. Isithombe: Doctor Ngcobo African News Agency (ANA) KUBE ncane indawo ngoMsombuluko kubhikisha abafundi baseMangosuthu University of Technology. Isithombe: Doctor Ngcobo African News Agency (ANA)

ZIYALELWE ukuthi ziqoqe okungokwazo zibuyele emakhaya izitshudeni zaseMangosuthu University of Technology (MUT), kulandela imibhikisho eqale phansi ezikhungweni zemfundo ephakeme ngoMsombuluko. IMUT izinqumele ugwayi katiki izitshudeni  ngokuthi ithi kumele kushaye u-4 ntambana seziphume zaphela ezindlini ezihlala  kuzo.

NgoMsombuluko kuboshwe izitshudeni eziyisishiyagalolunye ebezibhikisha  zikhala ngokunyuka kwemali yokubhalisa, eyokufunda neyokuhlala.

Umphathi waseMUT uDkt Enoch Duma Malaza, uthe baphoqelekile ukuthi basivale isikhungo ngenxa yodlame lwakamuva.

“Ngeshwa zonke izitshudeni ezihlala ezindlini zazo ngaphakathi, kumele kushaye u-4 sezihambile namhlanje (19 Februwari). Asikho isitshudeni esizovunyelwa ukuthi sihlale ngaphakathi, ngakho kumele zihambe nakho konke okungokwazo,” kusho uDkt Malaza.

Ezinkundleni zokuxhumana izitshudeni bezibhala zithi #Asiyindawo, zifaka ama-video nezithombe zibhikisha.

Izinhlaka zabafundi iSA Students Congress (Sasco) neSA Democratic Students Movement (Sadesmo) zisichithile isimemezelo seMUT. ISadesmo igxeke umkhandlu wezitshudeni oholwa yi-EFF kulesi sikhungo ngokungazazi ukuthi ufunani.

“Sixakekile sesijoyinwa yi-EFFSC ngesikhathi sibhikisha, sazibuza ukuthi ibhikishelani yona ngoba ithe konke kuhamba kahle. Mhlawumbe umkhandlu kumele usikhombise ukuthi uzozihola kanjani izitshudeni. Kuyasithusa ukuthi umkhandlu usivumile lesi sinqumo ekubeni wazi kahle ukuthi kunabafundi abangahlali eThekwiini,” kusho iSadesmo.

FUNDA:  Kumisiwe ukufunda eDUT kusongelwa othisha

ISasco ithe iMUT kumele ngabe isebenzisa lesi sikhathi ukuxazulula izikhalo zezitshudeni.

“Sigqugquzela izitshudeni ukuthi zingaphikisi lesi sinqumo ngodlame kodwa zihlale ngokuthula ezindlini. Sizoqapha isimo ukuqinisekisa ukuthi abekho abakhishwa ngenkani, uma kubiza ukuthi silwe sizolwa ngoba ayikho enye indawo esizoya kuyo ngaphandle kwezindawo zezitshudeni esizikhokhele,” isho kanje.