Owayeyisikhulu sezokukhangisa eBosasa uMnuz Angelo Agrizzi ofakaze kwikhomishini kaZondo nonyaka. Isithombe: Dimpho Maja/African News Agency (ANA) Owayeyisikhulu sezokukhangisa eBosasa uMnuz Angelo Agrizzi ofakaze kwikhomishini kaZondo nonyaka. Isithombe: Dimpho Maja/African News Agency (ANA)
BANGASE balahlekelwa umsebenzi abantu ababalelwa ku-4 500 abasebenza enkampanini i-Afrocam Global Operations, eyayibizwa ngeBosasa Operations ngaphambilini. NgoMsombuluko abale nkampani baveze ukuthi izovalwa kulandela ukuvalwa kwama-akhawnti ayo kumabhange amakhulu kuleli.
“Kuyadabukisa kakhulu ukuthi ibhodi labaqondisi be-African Global Operations selikhethe ukuthi ivalwe inkampani,” kusho le nkampani esitatimendeni esisayinwe umqondisi uMnuz Johannes Gumede.
“Sithole incwadi evela kumabhange esisebenzisana nawo ethi ayaziqhelelanisa nenkampani, okuchaza ukuthi azovalwa ama-akhawnti enkampani ngaphambi kukaFebruwari 28 nonyaka.”
IBosasa ibe sematheni nonyaka kulandela ukufakaza kowayeyisikhulu kuyo, uMnuz Angelo Agrizzi nabanye ababesebenza kuyo kwiKhomishini kaZondo ephenya ngokulawulwa kombuso yidlanzana.
U-Agrizzi nalaba basebenzi baphumela obala ngomkhonyovu obuqhubeka kule nkampani nokushushumbiswa kwezimali ezinye zazo ebezisetshenziselwa ukugwazela izikhulu ezikuhulumeni.
U-Agrizzi wachaza kabanzi ukuthi umsunguli nesikhulu esiphezulu uMnuz Gavin Watson wayebagwazela kanjani abaholi abakuhulumeni ukuze iBosasa ithole amathenda ezigidigidi zamarandi.
IBosasa ithe okuvele kwiKhomishini kaZondo kwenze amabhange amaningi aziqhelelanise nenkankampani kanti manje isiyahluleka ukuthola i-akhawnti yebhizinisi ebizwa nge-trading account.
Inkampani iveze ukuthi ayivalwa ngenxa yenkinga nezimali noma umsebenzi kodwa amabhange angafuni ukuyivulela i-akhawnti yokusebenza.