Izindaba

Usinde egwazwa wuzakwabo esikoleni

LUNGI LANGA|Published

Isithombe esigciniwe: Reuters Isithombe esigciniwe: Reuters

UMFUNDI (17) usinde ngokulambisa ejuqwa nguzakwabo ngommese esikoleni eTrenance Park Secondary, eVerulam.

Kuthiwa umfundi waseHazelmere, ogama lakhe ligodliwe, ugwazwe ngomunye umfundi ephindelela izolo ekuseni.

Okhulumela abezimo eziphuthumayo, uMnuz Prem Balram, uthe abezimo eziphuthumayo bathintwe abesikole emuva kwehora lesishiyagalombili becelela umfundi usizo lwezempilo.

Uthe bamfice enamanxeba okugwazwa esifubeni nasengalweni. Uthe bathole ukuthi umfundi ugwazwe ngomunye obethi uyaziphindiselela.

“Ngokusho komfundi, ubemi ngasesitolo ngesikhathi kuqhamuka umfundi ofunda uGrade 11 ehamba nabangani bakhe ababili. Omunye wabafundi ukhiphe ummese wamgwaza ephindelela phambi kwabanye abafundi,” kusho uBalram.

Uthe umfundi ogwaze omunye uvele wabaleka nabangani bakhe esikoleni emva kwalesi sehlo.

Umfundi olimele kuthiwa ungene esikoleni ekuqaleni konyaka esuka kwesinye.

UBalram uqhube wathi umfundi ogwaziwe utshele abezimo eziphuthumayo ukuthi abafana abamhlaselile bayingxenye yeqembu lezigebengu. Uqhube wathi isigameko sokugwazwa komfundi kukholakala ukuthi sihlobene nesenzeke ngoLwesihlanu oludlule lapho oyedwa wabo esole umfundi ngokuntshontsha intombi yakhe.

Uthe isigameko sibikiwe emaphoyiseni futhi nabasolwa bayaziwa.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Muzi Mahlambi, uthe umnyango uyaphenya ngalesi sigameko.

Uthe kuyabakhathaza ukulimazana kwabafundi esikoleni. Ukhale ngokuthi abafundi bagwema izingozi emgwaqweni ukuze bafike esikoleni bephephile bese kuba yibo abagcina belimazana.

“Sinxusa nabazali ukuthi bazigade izingane ukuthi aziphumi ziye esikoleni nezinto ezingalimaza ezinye izingane ngazo,” kusho uMahlambi.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col Thulani Zwane, ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa aphenya icala lokushaya ngenhloso yokulimaza.

Kwesinye isigameko omunye umfundi oneminyaka engu-14 ugwazwe ngomunye ngesikele eMgungundlovu. Okhulumela abezimo eziphuthumayo kwa-ER24, uMnuz Russel Meiring, uthe umfundi ugwazwe engalweni, ehlombe nasemhlane.

Uthe abezimo eziphuthumayo bamphuthumise esibhedlela ukuze athole usizo lwezempilo.