VELAPHI 'VVO' MKHIZE VELAPHI 'VVO' MKHIZE
ABAMHLOPHE bafika ezwenikazi i-Afrika bathola abamnyama benamasiko abo. Nakuba babaphuca okuningi kodwa kukhona abangabanga namandla okubaphuca khona. Kokunye abangakwazanga ukukuphuca khona abampisholo yilo isiko nesintu sabo. Bafaka inkolo ngenhloso yokumdunga umqondo umuntu omnyama. Kuyadabukisa ukuthi kuthe uma sekuphatha umuntu omnyama, waphuca umuntu wakubo isiko nesintu sakhe. Namhlanje sinobugcwelegcwele izwelonke uhulumeni wakha imali ngabo, namhlanje sinezingane ezihlala emigwaqweni ezijika zibe yizigebengu, ezigcina sezibizwa ngamaphara.
Ngo-1996 kwaqhanyukwa noMthethosisekelo wezwe owanconywa kwathiwa muhle kunayo yonke emhlabeni. Lihle iqiniso, lokho kwaba yingcwaba lokugcina kumuntu omnyama. Umuntu omnyama kuqale lapho ukuthi kuthiwe akenze izinto eziphambene nesiko nesintu sakhe, okugcine kumngcwaba okokugcina.
Uma ingane izalwa emandulo bekwaziwa ukuthi uma uyise nonina bengashadile leyo ngane ingumlanjwana, iyohlale ingeyakoninalume. Namhlanje uma ingane izalwa esibhedlela akubuzwa nakubuzwa kuvele kuthiwe ayibhalwe ngesibongo sikayise, lawo maphepha ayogcina eseMnyangweni wezaseKhaya, nakhona ingane igxivizwe ngesibongo sikayise. Unina ngokungazi isiko njengalokhu selamuka nezinkolo avume kugcine isibongo esisebenzayo kungesikayise wengane. Uma makhathaleni ingane isinezinkinga, kugcina sekufanele kuhlehlelwe emuva ingane ilungise iphutha elenzeka ngesikhathi izalwa sekuthiwa ayihambe iyofuna izincwadi ezifungelwe kokunye kuthathwe igazi. Uma uyise wengane nonina sebexabana kuqala inkinga. Akubhekwa ukuthi iphutha leli elenzeka emuva esibhedlela, lilungiswe kalula ngoba kwaziwa ukuthi isiko nesintu kuthini.
Namhlanje la maphara esikhala ngawo amaqanda azalwe nguMthethosisekelo wethu owakhiwe omnyama kubusa omnyama, amachwane achanyiselwa yilokhu kuhlupheka esikubona kubhebhetheka imihla namalanga enganeni yomuntu omnyama. Siqamba amanga sithi kunezinkumbi zezingane ezingayitholi imisebenzi ngoba sifuna ukwanelisa izifiso zepolitiki sibe sazi kahle kamhlophe ukuthi akulula ukuthola umsebenzi kuphambene esibongweni. Uma ingane iphuma iyofuna umsebenzi iphuma naliphi ithongo? Lokhu ongqongqoshe abaphethe kowezaseKhaya bakwazi kahle kamhlophe, ezabo izingane ngeke bavume ukuthi zibizwe ngesibongo abaziyo ukuthi akusona. Kufana ncamashi nokuthi ezemindeni yabo ezakhona izingane bazifaka ezibhedlela ezingcono, nasezikoleni ezingcono bese bethi bahola umphakathi wona oyiswa ezikoleni nasezibhedlela abathi ezikahulumeni. Liphi iqiniso eliyophephisa lisindise liphinde liphilise umuntu omnyama oholwa omnyama na?
Namhlanje sekuyinsakavukela umchilo wesidwaba ukuthi yonke ingane ezalwayo uyise nonina abashadile, noma beshadile kodwa akuzange kwagcagcwa njengalokhu sekwalahleka isintu namasiko. Namhlanje sekuyinto enzima ukuthi uma uganwa ungaganwa umuntu ongenayo ingane. Iningi labesifazane linezingane, kanjalo nebesilisa.
Ukuyeka imikhuba efana nokusoma nokuhlolwa kwabesimame nokufundiswa kwabafana entabeni yikhona okuchamisele le nkinga yokuthi wonke umuntu usethatha isinqumo sokuganwa enomuntu onengane yomunye. Kukabili-ke le ngane ayithole engakashadi owesimame uzohamba nayo uyoyibiza ngesibongo salapho eganele khona, kokunye uzwe bona abadala obathembile okuthi bazi isintu abazizalukazi namakhehla bethi hamba uyobiza isibongo sakini khona ungayohlupheka. Kulapho-ke kuqala khona izinkinga. Kulapho uqala khona ukuba nezinkinga zasemsamo usuhlangabezana nale nkinga yaseMnyangweni wezaseKhaya, sekuthiwa thola izincwadi ezifungelwe, kumbe kuthathwe igazi ukuthola ukuthi bayakuzala ngempela yini laba bantu ngoba uthi uzama ukuguqula isibongo kube ngesilungile.
Abantu abaningi abaya kohlola ezangomeni namhlanje bazi kahle kamhlophe ukuthi yisibongo esonakele. Uyozwa nohlolayo ethi thatha isibongo sikayihlo into engelona nakancane isiko, belekelelwa amanye amabandla akhona athi ancike esintwini kodwa ebe ekhuthaza into ephambene nesintu.
Lithi-ke elami uma uhulumeni engakalungisi ezibhedlela lapho kuzalelwa khona izingane kanjalo nasemnyangweni, abantu bakithi abathi beyokulungisa batshelwe lokhu nalokhu, usekude umuntu omnyama ukukhulukeka nokuthi umnotho ube sezandleni zakhe.