Izindaba

BUKA: Kushone abathathu kwalimala abawu-200 kushayisana izitimela

ANA Reporter|Published

Abezimo eziphuthumayo ngesikhathi besiza abantu abalimale kule ngozi. Abezimo eziphuthumayo ngesikhathi besiza abantu abalimale kule ngozi.

KUSHONE abantu abathathu kwalimala abalinganiselwa ngaphezulu kuka-200 kushayisana izitimela esiteshini iMountain View ePretoria ngoLwesibili ekuseni.

Abezimo eziphuthumayo bathi baningi abanye abasezimeni ezibucayi kodwa ibingakaqinisekiswa imibiko yokuthi sesinyukile isibalo sabadlulile kule ngozi.

“Ngokwemibiko evela endaweni yesigameko kusadlule abantu ababili okudingeke ukuthi baphuthunyiswe esibhedlela ngendiza,” kusho okhulumela iNetcare 911 ephawula ngaphambi kokuthi kuqinisekiswe ukushona kowesithathu.

“Balinganiselwa ku-200 abanye abalimalile kodwa  bathole imihuzuko kuphela. Okwamanje asinalo ulwazi ngokuholele kule ngozi kodwa amaphoyisa akhona endaweni yesigameko.”

Pretoria - #TrainCrash #MetroRail Multiple injuries at Mountain View station pic.twitter.com/kNUJpjuUGS

— Rob Beezy (@TrafficSA) January 8, 2019

Video: Oupa Mokoena/African News Agency (ANA)

Video: Oupa Mokoena/African News Agency (ANA)

African News Agency/ANA