Izindaba

Uhulumeni wethu akasayingeni indaba yabantu abasemakhaya

Imibono|Published

Unqgongqoshe wezempilo uDkt Aaron Motsoaledi. Isithombe: ANA Unqgongqoshe wezempilo uDkt Aaron Motsoaledi. Isithombe: ANA

MHLELI:Kwelakho eliwela umfula ugcwele ngomhla ka 19 Okthoba 2018 ekhasini 20 kwaphuma inkondlo eyayithi Bulima Ngiyeke Bakhohliwe Yithi.

Uyazi ngithi uma ngiyifunda le nkondlo amehlo ami agcwale izinyembezi.

Uhulumeni ukhohliwe yithina emakhaya. Ngizwa ubuhlungu njengoba singena onyakeni wokhetho ngoba namanje angikazi ukuthi ngizovotela liphi iqembu kodwa ingithathile ekaDkt Aaron Motswaledi (osesithombeni) uma ethi uzoyivala imali yeqolo ngoba yenza abantu babe amavila. Angikho-ke kodwa lapho. Ngikule yomqulu wemigomo yenkululeko.

Uhulumeni kaKhongolose uhluleke wancama wukufeza eminye yale migomo ikakhulu lona othi Abantu Bayokwabelana Emnothweni Wezwe, ngaphansi kwawo kuthiwa uhulumeni uyosiza abantu ngogandaganda, imbewu nomanyolo. Njengoba kuculwa leli culo lokuthi akubuye umhlaba, uhulumeni evele ehluleka wukulekelela abantu abanezivande ukuthi bazilime, kuzobanjani uma sebenodedangendlale bamasimu?

Angisho ukuthi angiwufuni umhlaba kodwa ngikhathazwa wukungalinyelwa kwethu lama-hektha amahlanu esinawo kuzobanjani ke uma eseyinkulungwane? Lolu hlelo lokulimela imiphakathi luyamfimfa.

Okhathazekile

E-UTRECHT, EMAWELA