BATHWELE kanzima abantu baseMadadeni eNewcastle, abacwile ezikweletini abakhala ngomashonisa wendawo obaqalekisayo, abuye abasongele ngokuthi bayohlupheka baze bafe uma behluleka ukukhokha imali yakhe.
Lo mashonisa onguMnuz Msholozi Dube (45) kuthiwa akayihleki into engahlekisi uma esefuna okungokwakhe, usuke esehline njengonogada wemoto yemali.
Omunye wabakweletayo uthe uyasola ukuthi uDube usebenzisa izilwane ngoba akuphumeki esikweletini sakhe, umkweleta uze ungene egodini.
“Sisenkingeni, asazi nokuthi njengoba kuza uDisemba sizophila ngani nokuthi izingane zizodlani ngoba uDube izilwane zakhe zihlala zikhangezile. Mina ngikhuluma nje emholweni wami ongaphezulu kukaR10 000 sekusala cisheuR300 kuphela ngoba uyishaqa yonke njengoba nekhadi selahlala kuye.
"Sesifisa noma ubani ongasiza ngoba abanye sebephila ngokubaleka nezimoto zabo ngoba nazo uyazidla. Nomhla ka-15 esihola ngawo usuyisiqalekiso, sesifisa nokuhola ngemvilophu, athi uyoyikhipha ekhadini angayitholi,” kusho omunye ocwile esikweletini sikaDube.
UDube ethintwa uthe yena akadlali. Uma ubaleka nemali yakhe uhlupheka uze ufe noma kube khona okubi okukwehlelayo empilweni.
“Mina angibizi muntu kodwa yibona abazifikelayo bezoboleka imali, bese benza izivumelwano nami. Abanye babambisa ngezimoto noma ngemizi yabo. Okunye engikwenzayo ukuthi uma uzoboleka imali angikuniki emgwaqweni kodwa kumele uzoyithatha ekhaya ukuze izinto zami zizokusebenza uma usuhluleka ukuyibuyisa usungibalekela. Akugcini lapho kodwa uma usuze waqala ukuzoboleka kimi awuphinde uyeke ngoba le nto ngayiphiwa emaphusheni ngilele. Ngiyazi ukuthi bangithatha kancane bazitshele ukuthi imali bayiboleka kimi kodwa kusuke kungaseyimi okunikayo.Yikho beshayeka uma bengasakhokhi bahlupheke kuze kube buhlungu nakimi,” kusho uDube.
Uthe kuyenzeka umuntu aboleke uR50 000 bese ebambisa ngemoto kanti inzalo yawo iba nguR20 000 kodwa uma ehluleka ukuyikhokha iyanda bese kudliwa imoto. Uqhube wathi uR10 000 uzala uR4000 bese uR20 000 uzale uR8 000.
Uthe kwawona amaphoyisa asatshiswa ngawo afike aboleke imali akhohlwe akuzele.