USIHLALO wekhomishini ephenya ngokulawulwa kombuso yidlanzana uDeputy Chief Justice Raymond Zondo. Isithombe: Karen Sandison/African News Agency(ANA) USIHLALO wekhomishini ephenya ngokulawulwa kombuso yidlanzana uDeputy Chief Justice Raymond Zondo. Isithombe: Karen Sandison/African News Agency(ANA)
Bantabami ngokuzithoba ngiyacela isale seyimiswa le Khomishini kaZondo okuthiwa ngeyophenya ngokulawulwa koMbuso yidlanzana. Ngicabanga ukuthi nobengaboni useyabona manje ukuthi iKhomishini yokulawulwa koMbuso yidlanzana ifana nenunu emakhandakhanda ezoshaya ibhuqe u-ANC. Ukube nginawo amandla okufinyelela egoseni le Khomoshini yokulawulwa koMbuso yidlanzana, uSolwazi uThuli Madonsela, kungabe ngiyambuza manje ukuthi uyathokoza yini njengoba abantu bakaKhongolose sebejikijelana ngemikhonto ongathi baloyiwe. Kungenzeka ukuthi leKhomishini yasungulwa ngoba kuhloswe ukuthi kwembulwe izinqe zikaZuma kodwa manje kubukeka sekuvela nezinqe zabantu abaningi.
Ngisho ingane ekhasela eziko iyabona ukuthi kule khomishini kuhujwa inyamazane eyodwa enguZuma kodwa kugcina sekulimala nezinye izinyamazane ngenxa yokuthi abazingeli bazingela ngokushisa umlilo. MaSolezwe ngiyaphinda ngiyasho ukuthi lo mlilo obaswe kuleya Khomishini uyoshiya uKhongolose ushe wahanguka amashiya nezinkophe. Lezi gubhu ezishawayo kuthiwe uKhongolose ubumbene ngibona ongathi kusiniswa amahleza ngoba le Khomishini ikuveza obala ukuthi uhlakazeke phakathi okwamaqhezu ezinqe. Okufike kube yinkinga wukuthi ofakazi beza ngogqozi nofuqufuqu lokupenda uZuma njengesikhohlakali kodwa bagcine sebechaphazele noGwede Mantashe, uGodongwana noJeff Radebe sekuvela ukuthi babekhona emihlanganweni ethile. OkaVolos uthi le Khomishini kaZondo ifana nomgangela wezinsizwa nezintokazi zikaKhongolose okufanele umiswe ngokushesha ngoba kuyofikwa okhethweni sekukhishwene amehlo abanye bengasanamazinyo. Kuyishwa ukuthi amalungu ka-ANC abukeka engaboni ukuthi ukuyofakaza kule Khomishini kufana nokuthatha intambo uzikhunge ngoba ugcine usungene wavela ngesicoco. Ubufakazi bale nto engiyishoyo kube yisehlo esehlele uNhlanhla Nene osukwe wusinga wayokwethula ubufakazi kodwa wagcina eselahlekelwa yisikhundla sokuba uNgqongqoshe wezeziMali. Kufikisela ngosizi ukubona uPravin Ghordan efakaza, echaza ukuthi yena wakubona kanjani ukulawulwa koMbuso. Thina esibukelayo sesinovalo lokuthi kwayena uGhordan uyogcina eselahlekelwe yisikhundla sakhe ngoba kuyabonakala ukuthi akekho omsulwa.
MaSolezwe, angisho ukuthi ngithini kodwa ngithi angiyenameli le nkulumo kaMengameli uRamaphosa yokuthi naye uzimisele ngokuyofakaza kule Khomishini. UMatamela kufanele ngabe usebonile ukuthi umuntu oyofakaza kule Khomishini usuke eqiqinge umgqomo kadoti eyowuchitha ngenhloso yokungcolisa abathile. Inkinga isekutheni ngesikhathi uchitha udoti uthi ungcolisa abantu ugcina nawe sewungcoliswe yilo doti owuchithayo. Bakwethu, mina nginovalo lokuthi ngelinye ilanga noZuma uyosukwa yikhanda lakhe aqiqinge amanabukeni angcolile kaKhongolose ayowachitha kule Khomishini kaZondo kuhayize abantu.
MaSolezwe, ngiyazi uVolos waziwa njengesibhedi kodwa mina angikuboni ukubheda uma kungathiwa le Khomishini kaZondo imiswe okwesikhashana ngenxa yokushoda kwezimali. Kuyiqiniso ukuthi kuyosuka umsindo kube nemibuzo yokuthi imiswe kanjani iKhomishini isanda kuqala umsebenzi wayo. Ngibona ungcono umsindo wokuthi iKhomishini ibanjwe ngophondo kunokuthi idedelwe igabavule, iveze amahlazo kube kubhekwe okhethweni.
- Ngeso likaVolovolo