KUTHE kuvulwa nje ezitolo ezifana noGame, kwase kunengqwaba yabantu abebevivile ababangisene umnyango bephuthuma ukuba ngabokuqala ukutitiliza izipesheli zeBlack Friday. Isithombe: Leon Lestrade. African News Agency. ( ANA ). KUTHE kuvulwa nje ezitolo ezifana noGame, kwase kunengqwaba yabantu abebevivile ababangisene umnyango bephuthuma ukuba ngabokuqala ukutitiliza izipesheli zeBlack Friday. Isithombe: Leon Lestrade. African News Agency. ( ANA ).
INQWABA yabathengi bakuleli idele ubuthongo yasondelela ngasezitolo phakathi kwamabili nasentathakusa ngoLwesihlanu ifuna ukungaphuthelwa yizipesheli zosuku olubizwa ngeBlack Friday.
Uma kukhulunywa ngalolu suku, zimbili izinhlobo zabantu. Yilabo abalala bengalele nalabo abangayingeni eyalolu suku, abalubona luwumsangano woqobo ngoqobo.
Izitolo okubonakale zibe nenqwaba yabathengi abafike phakathi kwamabili nasentathakusa, yizitolo zakwaGame nakwaCheckers.
Izinxanxathela zezitolo ezifana nePavillion, ngezinye ebezigcwele kakhulu nalapho kubonakale khona ujenga lwabathengi begebhele izinqola kungakavulwa ezitolo.
Kuphawulekile nokho ukuthi yize bekugcwele ezitolo futhi abantu bengangoZulu eya eMakheni kodwa umthamo wabo ngeke ulinganiswe nowangonyaka odlule. Kubukeke sanda isibalo salabo abangayingeni indaba yalolu suku.
Lolu wusuku olukotshelwe e-America lapho izitolo zisuke zibonga khona abathengi ngezipesheli uma sekuphela unyaka.
UMnuz Clayton Govender osebenza kwesinye sezitolo ezisenxanxatheleni yezitolo eGeteway, eMhlanga, uthe uqale ukusebenza ngo-10 ebusuku bangayizolo.
“Iningi labantu belikhempile kusukela ngayizolo lifuna ukungaphuthelwa. Kodwa okuhle wukuthi ezokuphepha beziqinile,” usho kanje.
KUBE nesiphithiphithi kanji kuGame oseCanal Walk eKapa. Isithombe:Ayanda Ndamane/African News agency (ANA)
Nokho ezinkundleni zokuxhumana abantu bese belwenze ihlaya lolu suku, behleka labo abebephushana beyothenga izipesheli.
“Kungani ungaze uphume iso ngoba uyofuna ibhodlela leCoke ozokonga kulona uR2.50 nje kuphela.
“Kwezinye izipesheli umehluko okhona oka-50 cents nje, kahleni bakithi musani ukudlala izitolo,” kusho omunye wabagxeki kuTwitter izolo.
USudhir Sangham yena ukhale ngobuwula kubantu uma kuwuBlack Friday.
“Umqondo ngathi uyahamba nje kubantu ngeBlack Friday. Usungaze ngempela udele ubuthongo ufuna iphakathe lamaSimba chips”.
Abagxeki bathe into abantu abangayazi wukuthi impelasonto yonke kuzobe kuyiBlack Friday.