Izindaba

Ungase udliwe ngobumnyama uKhisimusi kuleli

BONISWA MOHALE|Published

Isithombe esigciniwe Isithombe esigciniwe

BANGASE bawudlele ebumnyameni uKhisimusi abantu baseNingizimu Afrika emuva kokuthi i-Eskom itshele Isolezwe ukuthi yize kuleli sonto zingekho izinhlelo zokucima ugesi kodwa asikho isiqiniseko sokuthi ngeke ucinywe ngoDisemba.

Isolezwe libuze abakwa-Eskom ukuthi ngabe ugesi uzobe ukhona zonke izinsuku ngoDisemba bathi yize benezinhlelo zokubuyisela isimo kwesijwayelekile kodwa ngebhadi kungenzeka ucinywe ugesi. 

Abethimba elibhekelele abezindaba kwa-Eskom bathe iziteshi zabo eziwu-10 ezisebenzisa amalahle zinamalahle angaphansi kwezinsuku eziwu-20 kodwa balindele ukuthi sikhule njengoba besayine izinkontileka ezintsha.

Bathe ngoMashi 31 wonyaka ozayo bazobe sebenamalahle ezinsuku eziwu-28.2 okusho ukuthi bazobe sebesesimweni esikahle ngoba umthetho uthi okungenani ababe namalahle ezinsuku eziwu-20 alindile. 

Mayelana nohlelo lokucima ugesi ngisiba sikastage 8 bathe umthetho weDisaster Management ugqugquzela i-Eskom ukuthi ube nohlelo oluzosebenza uma kunezimo ezinzima njengokuthi uma kunogesi onganele ezweni noma kwehla izigameko ezingalindelwe.

Bathe emuva kokucinywa kogesi ngo-2015 beza nezigaba ezihluleke zokucinywa kukagesi ezisuka kwesokuqala kuya kwesesishiyagalombili.

Isigaba ngasinye songa u-1 000 mega watts kodwa bathi okwamanje ngeke ugesi ucinywe ngokwesigaba sesishiyagalombili.

“Sizilungiselela ukuthi sikwazi ukubhekana nanoma yini akusiko ukuthi ugesi uzocima ezweni jikelele. Inkinga esinayo wukuthi iziteshi zethu zamalahle azinaso isitoko esanele. Siyathemba ukuthi ngoMashi wonyaka ozayo isimo sizobe sesingcono bese kuthi phakathi kuka-2019 noFebhuwari 2020 isimo sibe sesibuyele kwesijwayelekile. Okwamanje sicela abantu baseNingizimu Afrika basebenzise ugesi ngendlela ehlelekile ikakhulukazi ngezikhathi ezimatasa,” kusho Isikhulu esiphezulu sakwa-Eskom uMnuz Phakamani Hadebe esitatimendeni.