UNGQONGQOSHE wamaBhizinisi kaHulumeni, uMnuz Pravin Gordhan. Isithombe: Sumaya Hisham Reuters/File UNGQONGQOSHE wamaBhizinisi kaHulumeni, uMnuz Pravin Gordhan. Isithombe: Sumaya Hisham Reuters/File
UNGQONGQOSHE wamaBhizinisi kaHulumeni, uMnuz Pravin Gordhan, uthe akukho okuphambene nomthetho akwenza ngesikhathi evumela owayeyiPhini likaKhomishana wakwaSARS, uMnuz Ivan Pillay, ukuba athathe umhlalaphansi kungafiki isikhathi sakhe.
Izolo uGordhan uhambe nommeli wakhe u-Adv Tebogo Malatji emhlanganweni noMvikeli woMphakathi, u-Adv Busisiswe Mkhwebane, okade efuna uGordhan achaze ukuthi kungani avumela uPillay ukuba asheshe athathe umhlalaphansi amsayinele nempesheni.
UGordhan utshele i-eNCA ukuthi u-Adv Mkhwebane udlala ngaye.
“Sikhombise ngokusobala ukuthi akukho esasikufihlile ngesikhathi ngiwuNgqongqoshe weziMali. Ngangilandela umthetho futhi nokuqashwa kabusha kukaPillay kwakusemthethweni. Ngicabanga ukuthi ngingenza izinto ezingcono ngesikhathi sami kunokuthi ngizochaza le nto,” kusho uGordhan.
Uthe u-Adv Mkhwebane uyadlala ngoba konke ayekwenza kucacile.
“Akukho engangikufihla, konke kusemthethweni futhi sinabameli esasikhuluma nabo ngaphambi kokuthatha izinqumo. UMvikeli woMphakathi unenzondo.”
UMnuz Oupa Segalwe, okhulumela ihhovisi loMvikeli woMphakathi, ukuqinisekisile ukuthi umhlangano ube khona esho nokuthi u-Adv Mkhwebane ubefuna ukuthola ukuthi uGordhan wazithatha kanjani izinqumo ezithile.
“UNgqongqoshe (Gordhan) uye waziphendulela futhi wanikeza uMvikeli woMphakathi amaphepha azomsiza. Okwenze ukuthi abizelwe emahhovisi oMvikeli woMphakathi wukuthi ubengaphenduli uma ebhalelwa,” kusho uSegalwe.
NgoMsombuluko uGordhan kulindeleke ukuthi ayokwenza izethulo zakhe kwikhomishini kaZondo ephenya ngokulawulwa kombuso yidlanzana.