Izindaba

Sibi isimo kwababefake imali engaphezu kukaR100 000 eVBS

BONISWA MOHALE|Published

ABANYE babantu abafaka imali kwiVBS Mutual Bank abangakayitholi imali yabo. Isithombe: African News Agency (ANA) ABANYE babantu abafaka imali kwiVBS Mutual Bank abangakayitholi imali yabo. Isithombe: African News Agency (ANA)

IPHINI lomphathi weBhange lombuso iSouth African Reserve Bank, uMnuz Kuben Naidoo uthe ngeke abathembise abantu ababefake imali eVBS Mutual Bank ukuthi bazoyithola iphelele imali ababeyilondolozile.

UNaidoo uthe okungenani ababefake imali bangalindela ukuthola phakathi kuka-20cents no-30 cents kwirandi ababelifake kuleli bhange.

UNaidoo ubekhuluma nekomidi elibhekelele ezezimali ePhalamende izolo.

“Akusikona ukuthi asithandi ukuthi ihlengwe iVBS kodwa ucwaningo lwethu lukhombisa ngokusobala ukuthi ibisetshenziswa njengebhanoyi yizinkampani eziyisikhombisa. Kuyimanje kunoR372 million oyinegative equity,” kusho uNaidoo.

Uthe abanankinga nomuntu ozofuna ukuthenga iVBS futhi bazomnika ilayisensi yemutual bank ngoba bayathanda ukuthi umphakathi waseVenda ube nebhange lawo ozowusiza njengoba bekwenza iVBS.

Uveze ukuthi abantu abakwaziyo ukubanika isiqiniseko sokuthi bazothola imali yabo iphelele yilabo ababefake uR100 000 nangaphansi.

“Labo abanemali edlula uR100 000 asikwazi ukuqinisekisa ukuthi bazothola imali yabo ephelele ngoba ibhange alinayo imali. Sisebenzise imali yabakhokhi bentela ukuvikela labo akade befake imali encane. Siyabagqugquzela abakweletayo ukuthi baqhubeke nokukhokha,” kusho uNaidoo.

U-Adv Terry Mutau obephenya ngeVBS uthe okubuhlungu ngokwebiwa kukaR1.8 billion wukuthi kuhlukumeze abantu abampofu.

Uthe uthole ukuthi u-3% wabantu ababefake imali eVBS ngeke bayithole yonke imali yabo eVBS, lowo 3% uveze ukuthi imali yawo ibalelwa kuR90 million.

“Udaba lwaseVBS alufani nhlobo nolwe-African Bank, eVBS bekulondoloza abantu basemakhaya imali kanti e-African Bank kwakubolekwa imali noma kusetshenziswa imali yakhona ukuthenga ifenisha. Ngibuhlungu ngezalukazi ezazifake oR150 000 bazo ngoba zithemba ukuthi izophepha imali yazo ebhange lo mphakathi. Kufanele bajeziswe abawise leli bhange,” kusho uMutau.

Khonamanjalo uNdunankulu waseLimpopo, uMnuz Stan Mathabatha uthe bamatasa bafuna abantu abazohlenga iVBS.

Uthe ukuvalwa kweVBS kuzohlukumeza abantu basemakhaya akade benethuba lokulondoloza imali ebhange elibhekelele izidingo zalo kwazise iVBS ibithathwa njengebhange lomphakathi.

Izikhulu zomasipala abafaka imali eVBS yize zazitsheliwe ukuthi lokhu kuphambene nomthetho, uMathabatha uthe zimisiwe emsebenzini futhi ne-ANC yenza uphenyo lwayo ngamalungu athinteka ekudliweni kwemali yaseVBS.