Izindaba

Abazali bakhala ngothisha ochapha abafundi ngenhlamba

Sbu Masango|Published

KUKHALWA ngothisha ochapha abafundi ngenhlamba.

Abazali bezingane ezifunda e-Amangwe High School eZwelisha, eBergville, bakhala ngomunye wothisha abathi uchapha izingane zabo ngenhlamba, azibize ngezihlupheki. Kuthiwa uphinde athi akusona isikole sezihlupheki.

Omunye wabazali ongathandanga ukudalulwa ngoba esabela ukuhlukunyezwa kwezingane zakhe, uthe izingane zakhe aziphathekile kahle yilezi zinhlamba zalo thisha. Uveze ukuthi kwabanomhlangano esikoleni kwacelwa ukuthi kwenziwe umnikelo ukuze kwakhiwe ihholo lesikole.

“Emva kwalokho kwafika abafundi bephethe amaphepha acela umnikelo, aphoqa ukuthi umnikelo ube nguR100," kusho lo mzali.

Izingane zethu beziyifuna zikhala imali, zithi lo thisha uthe ngeke zizibhale izivivinyo zokuphela konyaka uma zingafiki nale mali. Uma zililahlile iphepha lo mnikelo, zikhokhiswa uR150. Uthisha uthi ukulahla ifomu kukhomba ukuthi bezingafuni ukuqoqa umnikelo.

Omunye umzali uthi izingane zamtshela ukuthi uthisha, wathi uma ingaphelele imali efunwe kwifomu, abafundi bazoyigcwalisa ngemali yabo yeqolo.

“Into engiphethe kabuhlungu ukuthi izingane ezifundayo ziwu-8, okusho ukuthi kuzophuma uR800, ezimbili ezifunda * -matric zikhokhile ngoba sisabela ukuthi ngeke zibhale.

“Okubuhlungu angisebenzi, izovelaphi le mali? Ngabe kungcono ukuba kukhishwa uR100 kumuzi hhayi umfundi emunye. Izingane zisibikela nokuthi uma kushone umfundi kuthiwa azikhokhe uR10 imali yesililo.

“Uma zingayikhiphi lo thisha uyabathuka ababize ngezichaka. Besingazi ukuthi kukhona isikole sezigwili,” kusho lo mzali.

Uthe uma uyokhala ngempatho yezingane zakho esikoleni, ziyahlukunyezwa.

Ilungu lesigungu sabazali esilawula isikole uMnuz Thula Khoza, uphikile ukuthi bayaphoqwa abafundi ukuthi bakhokhe uR100.

UKhoza uthe kwacelwa umnikelo kubazali. Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnu Muzi Mahlambi, uthe bayakuthakasela uma abazali bezinikela ngokukhipha umnikelo lapho bebona ukuthi uhulumeni akafinyeleli khona.

Uthe abahambisani nesenzo sikathisha othuka abafundi ababize ngezichaka. Uthe othisha baqashwe uhulumeni ukuthi bayofundisa, hhayi ukuthi bayobheka izingane ukuthi ziyigwili noma ziyahlupheka.

Uveze ukuthi ayikho imali yeqolo, kukhona imali yesibonelelo sikahulumeni ngoba abanye besifazane akwehli kahle uma kuthiwa imali yeqolo. Uthe bazothumela umhloli ukuyolungisa isimo.