Izindaba

URamaphosa umemezele ukutshalwa kwezizumbulu

Siphelele Dludla|Published

UMENGAMELI Cyril Ramaphosa ubona sizoba ngcono isimo njengoba izinkampani ziza ngobuningi ukuzotshala imali kuleli UMENGAMELI Cyril Ramaphosa ubona sizoba ngcono isimo njengoba izinkampani ziza ngobuningi ukuzotshala imali kuleli

UMENGAMELI wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa umemezele ukuthi ukutshalwa kwemali engu-R290 billion emnothweni wakuleli kuzokwenza umehluko njengoba isimo siya ngokushuba emnothweni wezwe.

URamaphosa ubekhuluma engqungqutheleni yezokutshalwa kwezimali ebiseGoli. Abatshalizimali bezinkampani ezahlukene bathembise ukuthi bazofaka izizumbulu emnothwnei wakuleli kuvuleke namathuba emisebenzi.

Le ngqungquthela ibithanyelwe yizithunywa ezibalelwa ku-1 300 ezivela emazweni ehlukene kubhungwa ngamaqhinga okulekelelana ekufukuleni umnotho.

‘’Ngeke kugcine ngezethembiso nje kuphela kodwa kuzofakwa imali ngempela kulesi sivumelwano esinaso,’’ kusho uRamaphosa.

Le mali ifakwa nje uRamaphosa usanda kwenza isethembiso sokuthi uzozamela elakuleli imali elinganiselwa kuR 1.2 trillion kubatshalizimali ukwenza ngcono isimo somnotho kuleli.

Uthe lokhu uzokwenza eminyakeni emihlanu ezayo ngokuhamba efongqa isigqoko emazweni ehlukene.

Phakathi kwezinkampani ezithembisa ukufaka imali khona nezikhondlakhonda i-Anglo American ezofaka uR 17.5 billion. Kukhona nenkampani yaseRwanda iMara Corporation.

INingizimu Afrika ihlaselwe ukuntenga komnotho lokhu okuholela ekwenyukeni kwentengo yezinto ezifana nophethroli owenyuka uphindelela nokukhalisa abantu kakhulu.

URamaphosa uthe nakanjani le mali ezotshalwa izofana nomjovo ozophaphamisa umnotho osegumbini labagula kakhulu.