Izindaba

#OmotosoTrial: U-Omotoso usole iJaji ngokuchema noCheryl Zondi

Intatheli YeSolezwe|Published

UMFUNDISI Timothy Omotoso osolwa ngokudlwengula abesifazane abangaphezulu kuka-30 basebandleni lakhe. Isithombe: Raahil Sain / ANA UMFUNDISI Timothy Omotoso osolwa ngokudlwengula abesifazane abangaphezulu kuka-30 basebandleni lakhe. Isithombe: Raahil Sain / ANA

IJAJI ecaleni lomfundisi osolwa ngamacala okudlwengula amalungu ebandla lakhe, uMfundisi Timothy Omotoso, uJaji Mandela Makaula, uchithe isicelo salo mfundisi sokuthi ahoxe kuleli cala. Ummeli ka-Omotoso, u-Adv Peter Dauberman, wazise inkantolo ukuthi abamangalelwa okungumfundisi Omotoso (60), Lusanda Sulani (36) noZukiswa Sitho (28) bafuna uMakaula ahoxe ngoba bemsola ngokuchema nofakazi wokuqala, uNksz Cheryl Zondi.

“Nginomyalelo wokuthi ngicele uJaji ukuthi ahoxe kuleli cala. Ngizoveza okwashiwo uJaji okwenza ukuthi kugcine sekufakelwa izibuko ukusingatha kwakhe leli cala,” kusho uDauberman.

U-Omotoso ubhale esitatimendeni wathi ukubone njengokuchema nofakazi ukuthi iJaji lafisela uCheryl Zondi ukuthi abhale kahle izivivinyo zokuphela konyaka. UNksz Zondi ufunda iMarketing e-University of Johannesburg kanti ngesikhathi esonga ukufakaza ngeledlule waveza ukuthi useyobhala izivivinyo.

“Ijaji livele selisithathile isinqumo,likhombisa ukuzwelana noNksz Zondi. Lihambisana nokwenziwa uNksz Zondi. Uchemile ngokuhambisana noNksz Zondi. Ngeke akwazi ukubuka zombili izinhlangothi ngokulingana,” kusho u-Omotoso.

BUKA BUKHOMA:

UDaubermann naye unanele obekushiwo abamangalelwa eveza ukuthi uMakaula uzwakale ewumuntu oseluphothulile udaba ngesikhathi etshela uNksz Zondi ukuthi ‘ashiye okuqhubeka enkantolo ezandleni zakhe’, athe kuchaza ukuthi wamukela abesekushilo njengeqiso.

Umshushisi wombuso u-Adv Nceba Ntelwa uthe iJaji lifisile uNksz Zondi ukuthi abhale kahle ukuze akukhiphe emqondweni okuqhubeka kuleli cala ngesikhathi esabhala.