Izindaba

Abe-Sars bachitha imibiko nge-eFiling

BONISWA MOHALE|Published

ABAQOQI bentela iSARS bathi lusebenza kahle uhlelo lwabo lwe-eFiling yize besekusabalele imibiko yokuthi alusebenzi. ABAQOQI bentela iSARS bathi lusebenza kahle uhlelo lwabo lwe-eFiling yize besekusabalele imibiko yokuthi alusebenzi.

INHLANGANO eqoqa intela eNingizimu Afrika iSouth African Revenue Service (SARS) ithi lusebenza kahle uhlelo lwayo lwe-eFiling yize besekusabalele imibiko yokuthi alusebenzi.

UNkk Mmamathe Makhene-Mokhuane obhekelele ezokubuchwepheshe kwaSARS uthe akukho okonakele ngohlelo lwabo lwe-eFiling futhi ucela abantu bafake imininingwane ngoba kuyavalwa ekupheleni kwenyanga.

UNkk Makhene-Mokhuane ubethula ubufakazi kwikhomishi kaJaji Robert Nugent ngoLwesithathu emuva kokuthi ozakwabo beveze ukuthi i-eFiling inezingqinamba futhi kuzodingeka uR1 billion ukuthuthukisa ubuchwepheshe obusetshenziselwa i-eFiling.

Bathe bawu-3.3 million asebethumele imininingwane yabo ngentela besebenzisa uhlelo lwe-eFiling kanti ngosuku kufika eziwu-25 000. 

Bathe kuyiqiniso ukuthi ubuchwepheshe be-eFiling budinga ukuthuthukiswa ngo-2020. 

Wonke amagatsha akwaSARS azovulwa ngoMgqibelo ukusiza abantu abangathumeli imininingwane yabo yentela. 

Khonamanjalo izolo uKhomishana wakwaSARS osamisiwe uMnuz Tom Moyane uthe uzolwisana nesiphakamiso sikaJaji Nugent sokuthi makaxoshwe esikhundleni sakhe. 

Ummeli kaMoyane, u-adv Eric Mabuza ugxeke uNugent ekhala ngokuthi unelungelo lokwenza izethulo kwikhomishini ephenya ngokwenzeka eSARS.

UMabuza ukuqinisekisile ukuthi uMengameli Cyril Ramaphosa ucele uMoyane ukuthi azokwenza izethulo ngoLwesithathu oluzayo mayelana nokushiwo wuNugent. 

“Angikholwa ukuthi uMengameli uzoxosha uMoyane yingakho emcele ukuthi azokhuluma naye ngoLwesithathu oluzayo,” kusho uMabuza.