Izindaba

[EZOTHANDO] Ngithole imishanguzo yeHIV ifihliwe ezimpahleni zesoka lami

MO & PHINDI|Published

EZOTHANDO

UMBUZO

: Nginenkinga yomyeni okhonze izindawo zobumnandi ukudlula umndeni wakhe. Uhlezi enabangani bakhe isikhathi esiningi, aze abuye entathakusa. Lokhu kuyangihlukumeza ngoba sincane isikhathi asichitha nami nabantwana. Akasemusha neze njengoba eseneminyaka engaphezu kuka-45 weminyaka. La kumele engabe uyakhula yena uphindela ebunganeni. Ngicela ningisize ukubuyisela isimo endleleni okwakuyiyo kudala ngoba yinto entsha le aseqale ukuyenza. Ngenzenjani?

Thulisile Njapha, eMgungundlovu

Impendulo

:

Kubukeka sengathi umyeni wakho ungene esigabeni sempilo esibizwa ‘nge-midlife crisis’. Sijwayele ukufikela abantu besilisa nesifazane ezikhathini ezahlukene zempilo yabo. Abanye sifika ngokushesha kodwa kwabanye siphuze ukufika. Kuncane ongakwenza ukumvimba ngoba isikhathi esiningi umuntu okulesi sigaba akazazi nokuthi kwenzekani empilweni yakhe. Kuyisigaba lapho umuntu efisa izinto ayengakaze azenze empilweni yakhe. Ubona sengathi kukhona lapho ezosala khona uma engazikhiphi nabangani bakhe. Indlela ongamsiza ngayo, okokuqala ukuthi wazi futhi ufunde nge-midlife crisis ukuze ukwazi ukumelana nendlela enza ngayo. Kuyinto ezohamba idlule kodwa kungakuhle lapho ungakwazi khona nawe uvuleleke ukuthi uzikhiphe naye. Akufunayo nje ukuphuma, ashaywe umoya ukuze azizwe sengathi akaphuthelwa yimpilo. Angakujabulela ukuzwa ngelinye ilanga nawe uthi zikhipheni nishaywe umoya ukuze impilo yenu ingagcini isinesithukuthezi futhi naye engasakuthokozeli ngempela ukuba nomndeni wakhe.

Umbuzo

:

Sineminyaka emihlanu sithandana nesoka lami elisanda kungilobola. Ezinyangeni ezimbalwa ezidlule ngithole imishanguzo yegciwane lengculazi ifihlwe ezimpahleni zakhe. Ngathuka ngoma ngoba akakaze asho lutho kumina. Ngize nganesibindi sokumqonda emasontweni amabili adlule. Akazange aphike uma ngimbuza ngemishanguzo kodwa wavele waxolisa nje, ekhihla isililo ethi wayithola ingculazi ngaphambi kokuhlangana nami. Uthi ubesaba ukungitshela ngoba esaba ukuthi ngizomshiya uma sengazi iqiniso. Manje kusobala ukuthi nami nginegciwane ngoba asikaze sizivikele kuyo yonke le minyaka. Angazi ngempela ukuthi ngenzenjani. Sengikhale ngaze ngaphelelwa yizinyembezi. Ngifana nomuntu ofile kodwa ngiphila.

Igama Ligodliwe

Impendulo

:

Indaba yegciwane lengculazi yinto ebucayi ngempela ngoba uke ungazi ukuthi omunye umuntu uzoyithatha kanjani. Yebo, siyavuma kube yisenzo esibi esenziwe yisithandwa sakho. Uma esezazi yena ukuthi usenegciwane, kungumsebenzi wakhe ukuthi akuvikele njengomuntu amthandayo. Bekungafanele aqhubeke nokuhlangana nawe engazivikelile. Ukhombise ukungacabangi nokungakucabangeli okuyisimanga. Okubalulekile manje wukuthi uhambe uyohlolwa ukuze ube nesiqinisekiso sokuthi unalo yini igciwane. Thola isiqiniseko kuqala ngaphambi kokuthathela izinto phezulu. Kusukela manje, kubalulekile ukuthi uzivikele uma uya ocansini ngaso sonke isikhathi. Hlalani phansi nesoka lakho nikhulume ngothando lwenu. Yiphutha elenziwe yisoka lakho kodwa uma usamthanda futhi uzimisele ngokumxolela ningaqhubeka nokuthandana phezu kokuba negciwane. Igciwane lengculazi kalisho ukuphela kwempilo.

Umbuzo

:

Siyathandana nomyeni wami. Wenza konke ukukhombisa uthando nokungikhathalela. Sesihambe ngisho amazwe aphesheya sobabili. Inkinga yinye nje vo! Asikwazi kuthola abantwana. Sesiyile kodokotela abahlukene kodwa lutho ukukhulelwa. Ezikhathini ezimbili kwavela ukuthi inkinga ayikho kumina kodwa inkinga ingakumyeni wami. Akabonisi mdlandla wokuthola usizo ukuze silwe nale nkinga. Mina ngiyabafuna abantwana kodwa yena udonsa izinyawo ngokuthola usizo. Ngenzenjani ngempela ngoba iminyaka iyahamba kuthina sobabili.

Londiwe, eThekwini

Impendulo

:

Indaba yokuthola abantwana yinto enzima kubantu abashadile, ikakhulu uma inkinga kubonakala sengathi ingakumuntu wesilisa. Ayikho indoda ethanda ukwazi ukuthi iyona ehlulwa ukukhulelisa unkosikazi wayo. Kwenza indoda izibone ingendoda yalutho. Sinesiqiniseko sokuthi naye uyabafuna abantwana njengawe kodwa akulula ukwamukela isimo. Mnikeze isikhashana futhi umeseke angaziboni engelutho. Ngoba phela ukungabatholi abantwana kwenza indoda izibone ingaphelele. Okubalulekile wukuthi aqhubeke nokubona odokotela ukuze asizakale. Baningi abantu abashadile nabo abathola abantwana ngokusizwa odokotela ngakho ningaboni sengathi kukhona okuhlukile ngani. Abantwana bayisibusiso esivela kuMdali. Futhi uma kwenzeka begcina bengafikanga akumele lokho kungene phakathi kothando lwenu. Sinifisela inhlanhla.