Isithombe esigciniwe: David Ritchie/African News Agency (ANA) Isithombe esigciniwe: David Ritchie/African News Agency (ANA)
MHLELI: Ngibeka umbono ngodaba lokuthathwa komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo. Umvusi wenyamazane akuvamisile ukuthi kube wuye oyishayayo ngoba iye ithi uma ivuka iqala ukubaleka ibaleke iye le kanti iyoziphonsa kwabanye abantu.
Ngalo mzekelo ngiqonde ukuthi umvusi wenyamazane ewudaba lokuthathwa komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo nguJulius Malema neqembu lakhe le-EFF kodwa le nyamazane sibona isitshathwe yi-ANC.
Nginemibuzo eminingi engidinga ukuphendulwa kuyo mayelana nalolu daba olusematheni lokuthathwa komhlaba.
Lo mhlaba uma usuthathwa ubuyiselwa kubantu bebala, laba abangabanikazi bawo okwamanje iningi labo okungabamhlophe, bayoshoniswaphi?
Thina bantu bebala ngabe sesihlome ngokwanele yini ngolwazi nangamakhono ukuthi uma sinikwa umhlaba siyazi ukuthi sizowenzani?
Bazohlonzwa kanjani abantu okumele bahlomule kulolu hlelo lokubuyiswa komhlaba?
Nginomuzwa wokuthi noma unganikwa abantu bebala umhlaba kodwa lo oseduze namadolobha uzogcwala imijondolo.
Uhulumeni ophethe ngimbona esethole iphuzu lokucasha ngesithupha odabeni lokuthi anikeze abantu izindlu waphinde wathola iphuzu lezepolitiki ngalolu daba lomhlaba nasezokhankasa ngalo.
Nginomuzwa wokuthi kuyimanje ayikho indlela ebekiwe yokuthi uzokwabiwa kanjani wona lo mhlaba usunikwa thina bebala. Ngike ngezwa uMalema ethi umuntu wesifazane ngamunye uzothola i-hectare elilodwa. Lokhu akuwenzanga sidalo umqondo kimi kuze kube yinamhlanje.
Iqiniso limile lithi nje uhulumeni akakhele abantu izindlu bese kuqhubeka udaba lokuthathwa komhlaba okuhamba nesinxephezelo ukuze kube nozinzo nasemnothweni wezwe. Uma le mpi yobuhlanga iqhubeka sizofana neZimbabwe. Lokho kufakazelwa wukuthi ukuphawula kukamengameli uDonald Trump ngalolu daba kwenze irandi ladunguzela.
Le ndaba yokuthathwa komhlaba ngale ndlela izosibuyisela emumva ngoba kimina ivela iwubandlululo ngokwebala.
Umfundi weSolezwe