Izindaba

UMabuyakhulu ubuyela enkantolo ngo-Okthoba

Boniswa Mohale|Published

LIZOBUYELA enkantolo ngo-Okthoba 16 iPhini likaSihlalo we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Michael Mabuyakhulu obevele enkantolo yamacala athinta imali izolo. Isithombe: Motshwari Mofokeng/African News Agency(ANA) LIZOBUYELA enkantolo ngo-Okthoba 16 iPhini likaSihlalo we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Michael Mabuyakhulu obevele enkantolo yamacala athinta imali izolo. Isithombe: Motshwari Mofokeng/African News Agency(ANA)

LIZOBUYELA enkantolo ngo-Okthoba 16 iPhini likaSihlalo we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Michael Mabuyakhulu obevele enkantolo yamacala athinta imali izolo.

UMabuyakhulu ufuna amacala akhe athinta ukukhwabanisa, inkohlakalo nokushushumbiswa kwemali angahlanganiswa nawabantu abayisikhombisa amangalelwe nabo.

Ummeli kaMabuyakhulu u-Adv Jimmy Howse uthe uMabuyakhulu ufuna amacala akhe angahlangani nawabanye abasolwa.

UMabuyakhulu ubhekene namacala okukhwabanisa, awenkohlakalo nokushushumbisa imali.

Ubhekene nalawa macala nosomabhizinisi baseThekwini oMnuz Mabheleni Ntuli, Ceasar “Maqhoboza” Mkhize, Mzwandile Ninela, Desmond Golding, oNkk Bhenda Ninela, Nothando “Mamgo” Zungu, Ntokozo Ndlovu noNjabulo Mbongwe Mkhize.

Amacala abo athinta uR28 million owakhokhelwa ukwenza umcimbi obizwa ngeNorth Sea Jazz Festival owawuzoba ngo-2012 kodwa awuzange wenzeke.

UHowse uthe emacaleni angu-77 abekwe abamangalelwa, uMabuyakhulu ubekwe ayisithupha kuphela.

“Amacala abekwe wona alinganiswa noR300 000 kuR28 million okukhulunywa ngawo.

“Umsolwa ka-16 (Mabuyakhulu) uhlukile futhi ugaxelisiwe kulolu daba ngoba ewusopolitiki owayengumsebenzi kahulumeni,” kusho uHowse.

Uthe bonke abameli badinga amanye amaphepha athinta leli cala futhi yena ufuna uMabuyakhulu ashushiswe eceleni.

“Izinkantolo zithatha isikhathi eside ukuphothula amacala.

“Kunzima ukuthi ikhasimende lami lingaba yingxenye yaleli cala ekubeni lisolwa ngeqhaza elincane,” kusho uHowse.

Umbuso uthe uzophendula izicelo zabameli ngo-Okthoba 16.

Kuvele ukuthi uMamgo ngeke abe khona ngo-Okthoba 16 ngoba uzobe ephesheya kwezilwandle.

Uzoze abuye ngo-Okthoba

22.