Izindaba

Amalungu ePhalamende anqabele uGama ukuthi ethule umbiko wakwaTransnet

Mayibongwe Maqhina|Published

Isikhulu sakwaTransnet uMnuz Siyabonga Gama sivinjwe ngamalungu ePhalamende ukuba sethule umbiko wenkohlakalo yale nkampani Isithombe:SIMPHIWE MBOKAZI Isikhulu sakwaTransnet uMnuz Siyabonga Gama sivinjwe ngamalungu ePhalamende ukuba sethule umbiko wenkohlakalo yale nkampani Isithombe:SIMPHIWE MBOKAZI

AVUKE indlobane amalungu ePhalamende izolo engafuni ukulalela umbiko wenkohlakalo ebiqhubeka kwaTransnet ngenxa yokuthi lo mbiko ubuzokwethulwa yizikhulu zale nkampani ezisolwa ngenkohlakalo. 

Phakathi kwezikhulu ezisolwa ngenkohlakalo kubalwa isikhulu esiphezulu sakwaTransnet. 

Amalungu ePhalamende athe umbiko wenkohlakalo ebiqhubeka kule nkampani kufanele uthulwe wuSihlalo weBhodi layo uDkt Popo Molefe. 

Kwenzeka lokhu nje uMolefe ucele izikhulu zakwaTransnet ukuthi kuphele leli sonto zibe sezimtshelile ukuthi kungani zingafanele ukumiswa emsebenzini. 

UGama uveze ukuthi ziningi izinkinga zenkohlakalo nokukhwabanisa iTransnet ebhekene nazo. 

Amalungu ePhalamende athe awafuni ukuthi uNkk Mmabath Sukati athule umbiko ngoba awafuni ukukhuluma nabantu ababhekene namacala enkohlakalo. 

UNksz Natasha Mazzone weDA , uthe abakholwa wukuthi uGama angathula umbiko ongenawo ugcobho njengoba naye ethinteka enkohlakalweni. 

“Siyacela kube wuMolefe othula umbiko ngoba angikholwa ukuthi uGama uzokhuluma okuyikho ngoba unikezwe umyalelo wokuthi lingapheli isonto engabekanga izizathu zokuthi kungani engafanele ukumiswa emsebenzini,” kusho uNksz Mazzone.

Yize uSihlalo wekomidi uNkk Lungi Mnganga-Gcabashe ecele ikhefu lamanithi amahlanu ukuze abheke lolu daba kodwa amalungu ePhalamende athe umbiko kufanele uthulwe nguMolefe. 

Emuva kwekhefu uNkk Mnganga-Gcabashe uthe banqume ukunika ibhodi ithuba lokuthi lilandele imigomo yalo futhi lifunde neminye imibiko yakwaTransnet kwazise linamasonto ambalwa lingene ehhovisi.