KUNGESIKHATHI izintombi sezihambisa umhlanga eSigodlweni seSilo eNyokeni KwaNongoma lapho ezihlolelwa khona ubuntombi. Isithombe: SIBONELO NGCOBO KUNGESIKHATHI izintombi sezihambisa umhlanga eSigodlweni seSilo eNyokeni KwaNongoma lapho ezihlolelwa khona ubuntombi. Isithombe: SIBONELO NGCOBO
Sekujwayelekile ukuthi ngaso sonke isikhathi emuva kokubhala kule ngosi ngokusebenza nokwenziwa wumzimba uma kuyiwa ocansini, bese kuvela izicelo ezithi sikhulume sigcizelele umunxa othile. Kulokhu izicelo bezilokhu zilekanyana ezifisa sizimelele ontwentwesaneni oluyisicutshana esisekungeneni komgudu wesifazane. Lokhu bekuhambisana nesifiso sokuthi sikhulume nangokuya ocansini kusetshenziswa umgudu ongemuva. Nizongivumela ukuthi la mathafa womabili - untwentwesana esilubiza ngokuthi yiso nalolu hlobo lokuya ocansini - ngakunye yingosi ezimele. Iso liyatholakala ezilwaneni ezifana nezindlovu namahhashi. Ngiyafisa ukusho ukuthi umsebenzi wami njengodokotela kule ngosi, wukunikeza umumomzimba nokusebenza komzimba, hhayi ukunikeza umbono okanye umcabango othile othinta isiko, inkolo okanye umcabango othile ngengosi noma ngami nomndeni wami.
Izibalo zithi sikhula ngesivinini isibalo sabantu abasha nasebekhulile abaya ocansini lomgudu ongemuva. Izizathu zalokhu ziningi, zihlanganisa:
Ukulangazelela kwabesifazane abasebancane ukugcina umgudu wezocansi ongaphambili ungabanga yingxenye yokuzithokozisa
Ubumnandi obukhethekile obunanelekayo kule nhlobo yocansi
Ukulangezelela ukuklama indima engesiye undabuzekwayo
Ukuvuleleka ekuphileni ubulili oyibona.
Ayiyinye indlela yokuya ocansini kodwa ziningi. Okuhluphayo wukuthi kuyaye kukhulumeke sengathi uluntu luya ocansini emgudwini ongaphambili kuphela kumuntu wesifazane, bese wonke amehlo athi njo ekuziphatheni okuthinta lo mgudu bese kukhohlakala ukuthi kuyayiwa ocansini kusetshenziswa ezinye izindawo zomzimba, kubengathi kwezinye izindawo kuvumelekile. Lokhu kwenza kuyadukisa futhi kuletha ingcindezi enkulu kwezocansi. Kunenkolelo engelona iqiniso eliphelele yokuthi owesifazane osemncane ohlezi ngentombi ubonakala ngokuthi iso lihlale likhona futhi lingakaze ligcobhozwe. Ake sibuke ngqo okuthile ngeso:
Akusiyena wonke umuntu wesifazane ozalwa enalo. Ngiyaphinda, uyakwazi ukuzalwa unalo futhi bakhona abazalwa bengenalo nhlobo, ngokwendalo. Abezibalo bathi abazalwa bengenalo balinganiselwa ku-10 kwabangu-100.
Kwabesifazane abazalwa benalo, lwakheka lungawuvali ngokugcwele umgudu. Iso lakheka ngokwehlukana; kusukela ekubeni yingqintsanyana kuya ophephesaneni oluncanyana oluthi ne odongeni lomgudu. Zibalelwa esishiyagalolunyeni izinhlobo ezehlukene zokwakheka kweso.
Zibalelwa ngaphezu kwamashumi ayisithupha ekhulwini izintokazi ezineso eliba wuphephesana futhi kuzo akubikhona ukuconsaconsa kwegazana uma ziya ocansini okokuqala zisebenzisa lo mgudu ongaphambili kowesifazane. Iso eliwuphephesana liyazishabalalela uma owesifazane ekhula eya eminyakeni engu-25. Lokhu kusho ukuthi iningi lezintombi ezikule minyaka azisenalo iso, hhayi ngoba zingaziphethe kahle kodwa ngoba zizalwe liwuphephesana lwaze lwazinciphela lwaphela okanye lwaba encane intsalelela odongeni lomgudu.
Ngabesifazane abazalwe beneso eliwungqintsanyana abaconsisa okusagazana uma beya ocansini okokuqala futhi nabo bayingcosana.
Enye inselelo ekhona ngeso wukuthi iningi lezintokazi, nabesifazane nje, abakaze balibone ngamehlo. Abesifazane noma izintokazi kazazi ukuthi zizalwe zinalo iso noma qha. Lokhu kwenziwa wukuthi ubulili besifazane bucashile, abufani nobesilisa. Bambalwa abesifazane abathatha isibuko bazibuke ubulili babo ngokubuqonda okunzulwanyana, angikhulumi eyokububuka ubuphenyaphenye ngalesiya sikhathi useyitshitshi nasebuntombini.
Eminye yemibuzo engicabanga seyakhekile eyokuthi, pho sikuqinisekisa kanjani ukuthi intokazi iyintombi nto noma cha? Sithi:
Ucansi luyenziwa emlonyeni, emgudwini ongemuva nasemgudwini ongaphambili.
Zikhona izintombi ezidalwe zazalwa zingenalo nhlobo leli so
Ezintokazini ezizalwe zinalo, eziningi zifika eminyakeni engu-25 selinyamalele.
Kunezimo zempilo ezingadabula noma zisheshise ukunyamalala kweso njengokudansa, ukuzilolonga, izimo ozenza uvule imilenze nezinye.
Izintokazi eziningi azazi noma zizalwa zinalo iso noma cha ngoba azikaze zilibone ngamehlo.
Iso kwabanalo lakhekhe layizinhlobonhlobo, akusiyona inhlobo eyodwa. Enye nje inhlobo yeso ibambobombobo, enye ingaba yimicwi.
Akekho umuntu ongama aqiniseke ngobuntombi bomunye ngaphandle kwayo intombi uqobo noMdali wayo. Ngisho sengithanda njengodokotela, ngigcina ngokucabangela kuphela. Ngeke ngime ngithi yebo noma cha.
Pho udokotela uthini ngamasiko ezizwe anhlobonhlobo athinta ubulili neso? Amasiko avundisa, anisele, akhulisa adlondlobalise okuthile ngaleso sikhathi ezinganeni zethu nasebantwini. Umsebenzi wami nawe wukuthi uma echumisa okuhle siweseke ngezandla zombili.
Mpilonde!