Izindaba

IDA ithungatha ozovala isikhala seMeya

Mary Jane Mphahlele|Published

IMEYA yaseCape Town uNkk Patricia De Lille okulindeleke ukuthi kuvalwe isikhala sayo njengoba igcina ngo-Okthoba 31 IMEYA yaseCape Town uNkk Patricia De Lille okulindeleke ukuthi kuvalwe isikhala sayo njengoba igcina ngo-Okthoba 31

IDA  isiluqaile uhlelo lokubheka ozongena esikhaleni seMeya yaseCape Town, uNkk Patricia De Lille ozogcina emsebenzini ngo-Okthoba 31.


Umholi weDA  eWestern Cape, uMnuz Bonginkosi Madikizela uthe bazoba nezingxoxo zokuthi kuqala nini ukuqokwa kwabantu abangase bangene esikhaleni sikaNkk De Lile.

"IFederal Executive (okuwubuholi obuphezulu beDA) izohlangana ngempelasonto ukuze ibheke ukuthi kuzoqala nini ukuqokwa kwabantu abafisa ukungena kulesi sikhundla silindele ukuthi bafake izicelo bagcwalise namafomu. Emuva kwalokho sizobe sesihlunga sibona ukuthi banamakhono afanele yini okwenza lo msebenzi," kusho uMadikizela.

Uthe yiFederal Executive ezoqoka umuntu ofanelwe wukuba yimeya.
UNkk De Lille ugcine esulile emsebenzini wakhe wokuba yiMeya emuva kokubhuntsha kwemizamo yeDA  ebifuna ukumxosha, ihlulekile nawukumshaya ngevoti lokungabuthembi ubuholi bakhe. 

IDA  ithe ngeke umshushise ngaphakathi kodwa amacala asenkantolo azoqhubeka ukuze kube yizinkantolo ezinquma okuzokwenzeka. 

Umholi weDA  kuzwelonke, uMnuz Mmusi Maimane uthe ufuna kungene umuntu ozophatha kahle idolobha laseCape Town, ozoqinisekisa ukuthi abantu bahleli kahe. 

Phakathi kwabantu okuthiwa bangase bangene esikhundeni sikaNkk De Lille kubawa uMadikizela, uMnuz JP Smith ohola ikhokhasi yeDA  eCape Town noNdunankuu waseCape Town uNkk Helen Zille. 

UMadikizela uthe akathandi ukuba yiMeya yaseCape Town kodwa ufuna ukukhankasela ezinye izikhundla kwiDA.
"Angithandi ukuba seCape Town okwamanje, mhlawumbe ngiyobuya ngokuzayo hhayi okwamanje," kusho umadikizela.

UMnuz JP Smith uthe ngeke aliphakamise igama lakhe ngoba umatasa nesikhundla asiphethe. 
"Okwamanje abekho abantu abazwakalise ukuthi bafuna isikhundla seMeya. Mina angithandi ukuba yimeya kodwa uma ngibuzwa ukuthi wubani ofanelwe yilesi sikhundla ngizophakamisa abathile kodwa ngeke ngingenele ukhetho," kusho uSmith.