File Image/ANA File Image/ANA
UHULUMENI ubuyisele iSouth African Airways (SAA) eMnyangweni wezamaBhizinisi kahulumeni emuva kokuthi le nkampani yayifakwe eMnyangweni wezeziMali ngo-2014.
Ngaleso sikhathi uhulumeni wayekhathazekile ngesimo sezimali sakwaSAA, esakwa-Eskom nesasePosini.
Amaqembu aphikisayo athe ukufakwa kweSAA eMnyangweni wezamaBhizinisi kaHulumeni ngeke kusiguqule isimo sezimali sale nkampani ngoba isadinga ukutakulwa ngomunye uR11 billion.
Uhulumeni ubelokhu eyitakule njalo iSAA ukuze iqhubeke nokusebenza kanti wenza okufanayo nase-Eskom.
Esitatimendeni uhulumeni uthe, uMengameli Cyril Ramaphosa unqume ukususa iSAA eMnyangweni wezeziMali iyofakwa kowamaBhizinisi kaHulumeni.
ISAA ayikaze yenze inzuzo kule minyaka eyisithupha edlule kunalokho ihlale ibika ukuthi ilahlekelwe yizizumbulu ezibalelwa kuR20 billion.
Uhulumeni usefake uR20 billion wokuyitakula iminyaka engaphezu kuka-15.
“Emuva kocwaningo sibone kungcono ukuthi iSAA ibuyele eMnyangweni wamaBhizinisi kaHulumeni ukuze ikwazi ukushintsha indlela esebenza ngayo,” kusho isitatimende.
Okunye okwenze ukuthi iSAA ibuyiselwe eMnyangweni wamaBhizinisi kaHulumeni wukuthi vele lo Mnyango unezinkampani eziyisithupha zikahulumeni ozinakekelayo okubalwa kuzo neSA Express.
Ngesikhathi uRamaphosa eseyiPhini likaMengameli wezwe wayenakekela izinkampani zikahulumeni kanti isinqumo asithatha ngesokuthi kuhlanganiswe iSAA, Mango neSA Express.
Isikhulu esiphezulu sakwaSAA uMnuz Vuyani Jarana sithe ayikakhethwa inkampani ezosebenzisana neSAA.
Phakathi kwezinkampani ezifuna ukuthenga amasheya kwiSAA kubalwa i-Etihad ne-Emirates.
UJarana uthe ukuze iSAA yenze
imali idinga ukusebenzisana nenkampani ezimele ezothenga amasheya kuyo.
I-ANC ithe ayihambisani nalokhu ngoba ithanda iSAA isebenzisane nenye inkampani ezothenga amasheya amancane bese uhulumeni aqhubeke nokuyiphatha.
Khonamanjalo, izolo iBhodi leSA Express Airways limemezele ukuthi seliqoke uNksz Siza Mzimela njengesikhulu esibambile kule nkampani. UNksz Mzimela wake waba yisikhulu esiphezulu kwaSAA futhi unesipiliyoni seminyaka engaphezu kuka-20 kulo mkhakha.