AMALUNGU e-IFP ayebhiyoza kanje ejabulela ukunqoba kwaleli qembu eNquthu okhethweni lohulumeni basekhaya nyakenye. Isithombe: Doctor Ngcobo AMALUNGU e-IFP ayebhiyoza kanje ejabulela ukunqoba kwaleli qembu eNquthu okhethweni lohulumeni basekhaya nyakenye. Isithombe: Doctor Ngcobo
INKATHA Freedom Party (IFP) ifuna U-51% wamavoti okhethweni lukazwelonke oluzoba ngonyaka ozayo.
Lezi zindaba zidalulwe nguSotswebhu we-IFP, uMnuz Narend Singh, izolo oveze ukuthi bazoba nezingqungquthela zezifundazwe nekazwelonke kungakapheli unyaka.
“Simatasa nezinhlelo zokhetho futhi sizogxila KwaZulu-Natal naseGauteng kodwa lokhu akusho ukuthi sizozishiya ngaphandle ezinye izifundazwe. Sizibekele ukuthi sifuna amavoti angaphezu kuka-50%. Sifuna ukuphumelela ngamalengiso KwaZulu-Natal ngoba sawuphatha kahle uhulumeni ngo-1994 kuze kube ngu-1999,” kusho uSingh.
Uthe zihamba kahle izinhlelo zabo zokhetho sebezozigoqa maduzane.
Uveze ukuthi bafuna ukuphatha KwaZulu-Natal nokungenisa kwezinye izifundazwe.
Ngonyaka odlule ingqungquthela ye-IFP KwaZulu-Natal nekazwelonke yahlehliswa.
USingh uthe ngeke ihlehliswe kulo nyaka ngoba sebelandele yonke imigudu efanele futhi zizoba khona izingqungquthela.
“Sikulungele ukuba nengqungquthela kulo nyaka sekusele ukuthi simemezele izinsuku. Sithola izingcingo kubantu bakwezinye izifundazwe abathembele kwi-IFP ukuthi ibe yizwi labo kuhulumeni kazwelonke. Abantu bayabona ukuthi siyasebenza komasipala esibaphethe, siyasebenza ePhalamende nakuzo zonke izindawo esikuzo. Siyakhula isibalo sabantu abalandela i-IFP eMpumalanga naseWestern Cape. Lokhu sikubone ngoKhetho loHulumeni baseKhaya.”
USingh uthe yize ngo-2014 bengenzanga kahle okhethweni kodwa ngo-2016 bavukile njengoba sebephethe omasipala abangu-13.
“Izinombolo zethu ziyakhula, sifuna ukuhlale sikhula njalo, sicela abantu baseNingizimu Afrika baqhubeke nokusiseka.”