UGWETSHWE udilikajele neminye iminyaka engu 25 ngaphezulu owayenguSayitsheni wamaphoyisa aseMpangeni olahlwe ngecala lokubulala owayesebenza engadini yakwakhe ngoba emsola ngokweba iselula.
U-Eudora Nozizwe Khumalo (42) ugwetshwe nalahlwe naye ngecala uBhekizenzo Mge Mdletshe (25) ngecala lokubulala uMnuz Ziphozonke Zithulele Nsele (36), ngo-Ephreli 2016.
Laba bagwetshwe yinkantolo enkulu eMthunzini ngoMsombuluko.
Bagwetshwa nje isidumbu sikaNsele okuthiwa basiphosa emfuleni sebembulele asikaze sitholakele kuze kube yimanje.
Kuthiwa uNsele wayesebenzela u-Eudora engadini kwabe sekulahleka iselula, kwasolwa yena (Nsele).
Kwabizwa isihlobo sika-Eudora esabe sesithola amadoda amahlanu afika ezokhiphisa uNsele iqiniso ngokulahleka kweselula.
Lawa madoda kuthiwa ashaya uNsele nesihlobo sakhe kanti kuzophetha ngokuthi uNsele ashone, isihlobo sakhe salimala kanzima.
Lawa madoda kuthiwa abathatha aya nabo ngasemfuleni lapho afike alahla khona isidumbu sikaNsele emfuleni.
Isidumbu sikaNsele sabhekwa lapho sasilahlwe khona kodwa kuze kube yimanje asikaze sitholwe.
U-Eudora ugwetshwe udilikajele ngokubulala, iminyaka engu 15 ngokuzama ukubulala neminyaka emihlanu ngecala ngalinye lokuthumba njengoba ebebhekene namabili.
UMdletshe naye ugwetshwe udilikajele ngokubulala, iminyaka engu 15 ngokuzama ukubulala neminyaka emihlanu ngecala ngalinye lokuthumba.
Abanye ababebekwe amacala nalaba bawavuma amacala bagwetshwa kuyimanje badonsa izigwebo.
ULindokuhle Shabalala wagwetshwa iminyaka engu 18 ngokubulala nengu 8 ngokuzama ukubulala.
UScelo Ntshangase wagwetshwa iminyaka engu 15 ngokubulala neminye ngokuzama ukubulala kanti uSakhile Thokozani Bhengu wagwetshwa iminyaka engu 15 ngokubulala nemithathu ngokuzama ukubulala.