Izindaba

Sekuqiniswe ezokuphepha ezitolo zakwaWoolworths

Intatheli YeSolezwe|Published

Isithombe: Simphiwe Mbokazi/African News Agency (ANA) Isithombe: Simphiwe Mbokazi/African News Agency (ANA)

SEBEQINISE ezokuphepha abasezitolo zakwaWoolworths ngemuva kwemibiko yokuthukuswa kweziqhumane ezitolo zabo eThekwini.

Baphawule okokuqala ngalokhu izolo njengoba ngoLwesine amaphoyisa ophiko lwamabhomu ebizelwe kwesinye sezitolo ngemuva kokuthi omunye wabasebenzi ethole isiqhumane.

Amaphoyisa kuthiwa asihlakazile isiqhumane singakalimazi muntu.

Emasontweni amabili edlule kwatholakala iziqhumane ezitolo zakwaWoolworths ezisenxanxatheleni yezitolo eGateway nasePavilion.

Isikhulu sakwaWoolworths uMnuz Kay Naidoo sithe sebeziqinisile ezokuphepha ukuvikela amakhasimende nabasebenzi babo

UNaidoo uthe okwamanje abakawutholi umsusa wokutholakala kwalezi ziqhumane ezitolo zabo kodwa uphenyo lusaqhubeka.

Uveze ukuthi basebenzisana namaphoyisa noKlebe, nezinhlaka zikahulumeni ukuqhamuka nesisombulo.

“Uzoqaphela ukuthi sekwengezwe onogada kuzo zonke izitolo zethu KwaZulu-Natal. Sesifake nendlela entsha yokusesha abantu uma bengena ezoqinisekisa ukuphepha kwabantu,” kusho uNaidoo.

Uthe bayazi ukuthi ukwandiswa kwezokuphepha ezitolo kungaphatha kabi amakhasimende abo njengoba izitolo zabo ziqhubeka nokusebenza.

Uthembise ukuthi bazoqikelela ukuthi amakhasimende ayaqhubeka nokuthenga ezitolo zabo ngaphandle kokuphazamiseka.