Izindaba

[BUKA] Ubhonywe ngewisa eshumayela kwaShembe

Thokozani Ndlovu|Published

UMHOLI wakwaShembe, uMnuz Bhekizitha Shembe, othi ushayane namalungu ebandla abengafuni aphathe inkonzo kwadabuka umjiva ethempelini ePhindulimi Isithombe: THOKOZANI NDLOVU UMHOLI wakwaShembe, uMnuz Bhekizitha Shembe, othi ushayane namalungu ebandla abengafuni aphathe inkonzo kwadabuka umjiva ethempelini ePhindulimi Isithombe: THOKOZANI NDLOVU

KUSUKE esinamathambo ngesikhathi engenelwa ngewisa umholi wakwaShembe, Ekuphakameni, eshumayela okugcine sekungongaphansi nongaphezulu nabebemshaya.

Kuze kwadabuka umjiva kumholi. Konke lokhu kwenzeke ngesikhathi umholi wakwaShembe, uMnuz Bhekizitha Shembe, eshayana namalungu ebandla abengafuni aphathe inkonzo ethempelini, iPhindulimi, elisemzini weNkosi uJohanness Galile “Ilanga” Shembe, eShowe, ngoMgqibelo.

UShembe uthe

ngo-2016 kwavela ukuthi kumele ahole ibandla lamaNazaretha.

Ngesikhathi kuliwa uthe usizwe ukuba namandla ngoba bebesho ukumjuqa ngewisa.

Uthe kunamalungu asekuPhakameni angamamukelile njengomholi.

“Bese kuyisikhathi sokuqala kwenkonzo ngabo-1 emini ngesikhathi kusuka isidumo. Ngiye ethempelini ngiyophatha inkonzo. Ngingene amakholwa esehleli, ngahlangatshezwa enye inhlalisuthi eze kumina isindiza izogadla. Ngiyibambe ngayicindezela phansi. Ngabona sekukhona enye eduze kwami, idonsa iwisa ngaphansi komnazaretha. Ngizwe sekukhala omunye wabesifazane obethi uyalamula kanti sebemphihlize ngewisa,” kusho uShembe.

Uthe emva kwale mpi ihlakazekile inkonzo.

Uthe emva kwalokho unikele emaphoyiseni eyovula icala kodwa wafike waboshwa.

“Abebengihlasele bese bengivulele icala kuqala yingakho ngifike ngaboshwa. Ngisizwe womunye wabaphathi emaphoyiseni ongaziyo engangisebenza naye emnyangweni wokuhlolwa kwezidumbu. Ngamchazela ngokwenzekile, watshela amaphoyisa ukuthi angidedelwe, ngivule icala ngoba ngihlaselwe ekhaya,” kuqhuba yena.

UMHOLI wakwaShembe uBhekizitha Shembe echaza ngokushayana kwakhe namakholwa abemhlasela ngoba engafuni aphathe inkonzo ethempelini ePhindulimi, Eshowe. VIDEO: THOKOZANI NDLOVU

UShembe uthe watshelwa ngugogo wakhe, uNkk Mamana Shembe uKaMakhoba ongunkosikazi wenkosi Ilanga ukuthi akahole ibandla.

“Bekuba nezibonakaliso engivezelwa zona ngilele zokuthi kumele ngihole ibandla.

“Isiphrofetho soMqaliwendlela, sathi umoya wakhe uyovuka esizukulwaneni sakhe Eshowe ngemuva kweminyaka engu-40. Ngo-2016 bekuhlangana iminyaka engu-40 uMqaliwendlela akhothama, kusho ukuthi usevuke ngami,” kusho yena.

Izinkinga zakhe ekuPhakameni uthe ziqale ngo-2010. Uthe waxoshwa ngabaqaphi benkosi uVukile “Incoyincoyi” Shembe eze enkonzweni ekuPhakameni. Uthe kwathiwa akasavumelekile kuyona yonke imizi namathempeli asekuPhakameni asetshenziswa umholi uVukile.

Ngenxa yokuthi ubengasamukelekile ebandleni, uthathe isinqumo sokuthi azihlalele endlini angaphumi uma kukhonzwa ePhindulimi.

“NgoMashi kulo nyaka ngithathe isinqumo sokuhola ibandla. Nakhona ngisuswe ukuthi kukhona inhlalisuthi evele yafika emzini kababamkhulu (ePhindulimi) yamba imigodi ingakhulumanga nami. Yathi izokwakha indlu yokukhonzela. Ngibikele inkosi yendawo ngayitshela ukuthi sengizohola ibandla ekhaya,” kusho uShembe.

Uthe iNkosi uZwelombango Khoza ivune yena, yatshela amakholwa ukuthi angamphazamisi.

Ngokomlando wakwaShembe, uBhekizitha uthe uzalwa wuNguye ongumfowabo kaNkanyezi noLonda Shembe. UNkanyezi unguyise wenkosi yaseGinyezinye uMudliwamafa, kuthi uLonda abe nguyise wenkosi yasekuPhakameni Incoyincoyi.

Imizamo yokuthola abasekuPhakameni ayiphumelelanga.