USASHAQEKILE umphakathi waseMganwini eBhambanana, eNgwavuma, ngesenzo sowesifazane osolwa ngokubulala izingane zakhe ngokuzidlisa ushevu, maqede wazama ukuzilengisa ehlathini eliseduze nemizi.
UNksz Samkelisiwe Thwala (28) ubingelele iMantshi yaseNgwavuma izolo ngezinsolo zokubulala uLwazi Ndlovu (6) oyingane yakhe no-Andiswa Mngomezulu (5) ozalwa yisoka lakhe.
Lesi sigameko senzeke ntambama ngoLwesibili.
UNksz Thwala kuvela ukuthi ngemuva kwalesi sigameko naye uzame ukuzibulala ngokuziphuzisa ushevu abewuthenge esikhungweni sezimpesheni, maqede wazama ukuzilengisa ngentambo kodwa kwangalunga ngoba ivele yanqamuka ngesikhathi eselenga esihlahleni.
Ngokusho kwamalungu omphakathi azifikele endaweni yesigameko, kuzwakale uNksz Thwala ekhala ecela usizo phakathi ehlathini.
“Sithole ukuthi uSamkelisiwe ube nokungaboni ngaso linye nenyanga-mthandazi aqale ukuxhumana nayo ngocingo ngemuva kokuba ebone inombolo yayo kwelinye lamaphephandaba esiZulu ichaza nomsebenzi wayo. Kuthiwa uyifonele ecela usizo okuthe ngemuva kokuba imkhulekele wazizwa enomehluko empilweni. Ngemuva kwalokho ubuyisele impendulo kule nyanga emyalele ukuba abhale abonge esidlangalaleni ukuthi uluthole kanjani usizo nayo yonke imiphumela. Emuva kwalokho ibe isimfuna imali engaphezu kwamandla akhe, okuthe uma echaza ukuthi uzohluleka ukuyikhokha, inyanga yamthembisa ukumyisa kwagoqanyawo nokulimaza abasondelene naye,” kusho omunye womakhelwane ocele ukungadalulwa.
Uthe bamangele uma sebezwa umuntu ekhala ehlathini ecela usizo ngoba useze wabulala nezingane zakhe. Uveze ukuthi bathinte amaphoyisa afike ngokushesha endaweni yesigameko nemoto yezidumbu yahambisa izidumbu emakhazeni.
UNkk Anah Zikhali oyilungu lomndeni wakwaThwala uthe bashaqeke kakhulu ngalesi sigameko.
“Namanje siyazibuza asiyitholi impendulo ukuthi yini lena eyehlile lapha ekhaya lomfowethu. Selokhu ngaba khona angikaze ngiyizwe futhi ngiyibone inhlekelele yalolu hlobo. Siyacela kunoma ubani ongaba nesihe ukuba elule isandla ukuze sizokwazi ukufihla ngesizotha lezi zingane njengoba kungekho lutho lapha ekhaya. Mina ngihlala emzini wami. USamke uhlala nogogo wakhe nalezi zingane azibulele,” kusho uNkk Zikhali.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala usiqinisekisile lesi sigameko.
Uthe uNksz Thwala ubingelele iNkantolo yeMantshi yaseNgwavuma ngamacala amabili okubulala. “Amaphoyisa athole nokuthi lo wesifazane uzame nokuzibulala kodwa wehluleka,” kusho uCaptain Gwala.