Izindaba

Usobishini okweleta umasipala uR220 000 ngendlu yodaka

Thami Magubane|Published

INDLU yaseSobantu eMgungundlovu ekoloto umasipala waseMsunduzi uR220 000 wezindleko. Isithombe: SITHUNYELWE INDLU yaseSobantu eMgungundlovu ekoloto umasipala waseMsunduzi uR220 000 wezindleko. Isithombe: SITHUNYELWE

USOBISHINI owesifazane waseSobantu, eMgungundlovu, okweleta umasipala waseMsunduzi uR220 000 wezindleko zamanzi, ukuthuthwa kwendle kanye nokuqoqwa kukadoti. UMasipala uveze ukuthi le mali eyeminyaka engu-14 edlule.

Umnikazi wendlu, uNksz Nomusa Ngcobo, uthe umndeni wakhe wathenga lo muzi ngo-1999 kodwa itayitela langabhaliswa ngaphansi kwegama lo muntu womndeni, okuyinto abebengayazi.

UNksz Ngcobo uvumile ukuthi abakaze bakhokhe ngisho isenti selokhu baqala ukuhlala kule ndawo ngoba abakaze bathole incwadi ebayalela ukuthi bakhokhe. Uthe owayengumnikazi wendawo ubazise ngenyanga edlule sebehlelela ukubhalisa indlu ngaphansi kwabantu bomndeni.

Umnikazi wendlu uNksz Nomusa Ngcobo uthe umndeni wakhe wathenga lo muzi ngo-1999

"Ngiye kwamasipala ngafika ngatshelwa ukuthi lesi yisamba engisikweletayo samanzi, ukuthuthwa kwendle kanye nokuqoqwa kuka doti. Ngesikhathi sikhuluma nabo basazise ukuthi udaba seludluliselwe kubammeli. Uma bethi asiyikhokhe le mali angazi ukuthi sizokwenzenjani," kusho uNksz Ngcobo. 

Ikhansela lewadi uMnuz Sandile Dlamini uthe lo mndeni usumazisile ngalolu daba futhi uhlela ukuhlangana nabomkhandlu kuleli sonto. 

"Lesi samba angisiqondi ukuthi sivela kuphi ngoba awukho umuzi kuleli lokishi ongakweleta imali engaka, futhi sengiwubonile nomuzi okukhukunywa ngawo," kusho yena. 

Uthe ikhona neminye imizi kuleli lokishi ekweleta imali eqala kuR80 000 kuya kuR100 000.

"Kuyacaca ukuthi kukhona okungahambi kahle ngendlela okubalwa ngayo izindleko ngoba nami bake banginikeza isamba esingesona. Ngemuva kokuxhumana nabo babala kabusha kwavela isamba esiyiso," kusho yena. 

Uthe kuzobaluleka ukuthi ilungiswe indlela umkhandlu obala ngayo izindleko ezikweletwa abantu. 

Okhulumela umasipala uThobeka Mafumbatha uthe isamba esikweletwa yilo wesifazane siyiso. 

"Lesi samba esama-rates, ukuqoqwa kwendle kanye namanzi. Akukaze kukhokhelwe lokhu kusukela ngo-2004 futhi sinakho ubufakazi balokho.Ukusetshenziswa kwamanzi kulo muzi kuphezulu kakhulu," kusho uMafumbatha. 

The Mercury