Izindaba

URamaphosa ukhuthaza udlebe

Mhlengi Shangase|Published

UMENGAMELI we-ANC, uMnuz Cyril Ramaphosa noMnuz Mike Mabuyakhulu wethimba lesikhashana lesifundazwe, kwethulwa umkhankaso iThuma Mina ngempelasonto Isithombe: Zanele Zulu UMENGAMELI we-ANC, uMnuz Cyril Ramaphosa noMnuz Mike Mabuyakhulu wethimba lesikhashana lesifundazwe, kwethulwa umkhankaso iThuma Mina ngempelasonto Isithombe: Zanele Zulu

UMENGAMELI we-ANC uMnuz Cyril Ramaphosa unxuse abaholi benhlangano ukuthi baziphathe kahle bangaphakami, bahloniphe futhi balalele ngoba abantu bababhekile.

URamaphosa uthe nakuba le nhlangano inamalungu abalelwa ku-1 million kodwa yesekwa ngabantu abaningi kakhulu ngoba babalelwa ku-12 million.

“Laba bantu basibheka yonke into esiyenzayo. Yingakho kumele sisebenzele abantu singaphakami. Baningi abantu abasibheka ukuthi senzani ngoba bayaseseka,” kusho uRamaphosa.

Ubekhuluma namalungu e-ANC kwethulwa umkhankaso iThuma Mina, KwaDukuza ngempelasonto.

URamaphosa uthe abantu abangafuni ukusebenzela umphakathi kumele bashiye enhlanganweni.

Uthe uma ujoyina inhlangano usuke uvolontiya ngakho kumele ubeke umphakathi phambili.

“Ukulwa kumele kuphele ngoba abantu basibhekile. Sizele ukuzosebenzela abantu njengoba sisenhlanganweni,” kusho uRamaphosa.

Ebonga umsebenzi wesigungu sesikhashana esifundazweni, uthe: “UMnuz Sihle Zikalala noMnuz Mike Mabuyakhulu basebenzisana kahle ukubumba isifundazwe. Kumele sibancome manje, sithi qhubekani kanjalo. Ngifuna ukuncoma uNksz Nocawe Mafu, abathunywe yisigungu esiphezulu ukubumba lesi sifundazwe.

Basebenza ubusuku nemini ukubumba le nhlangano,” kusho uRamaphosa.

Unxuse ukuthi kungagxekwa uhulumeni ngokunyuka kukaphethroli nezinye izinto ezweni.

“Kumele kwehliswe umthwalo obhekene nabantu. Kodwa akuyena uhulumeni owenze ukuthi kunyuke uphethroli,” kusho uRamaphosa.

Ukusho lokhu nje abantu bazwakalise ukuthukuthela ngokunyuka kukaphethroli okuthiwa usazophinde unyuke ngenyanga ezayo.

Ubonge ukwamukelwa ngesasasa KwaZulu-Natal, wathi kukhona abebethi kuyikwa-alubhadwa kubaholi be-ANC obaphezulu abakhethwa eNasrec nyakenye.

URamaphosa uthe amalungu kumele aye emphakathini alalele izikhalo zawo ngezinto eziningi ngaphansi komkhankaso iThuma Mina.

Uthe kwezinye izindawo kuhlanzwa ilokishi, okuwumkhankaso iThuma Mina, ukuze abantu bahlale endaweni ehlanzekile.