UVOLOVOLO ulobele uMntwana wakwaPhindangene incwadi ngokuvalelwa ngaphandle kobukhosi basePhoyinti UVOLOVOLO ulobele uMntwana wakwaPhindangene incwadi ngokuvalelwa ngaphandle kobukhosi basePhoyinti
Mntwana wakwaPhindangene ophinde abe yinkosi yesizwe saKwaButhelezi ngiyakubingelela egameni likaNomthebe wesizwe samaZulu uBhejane Phumesiqiwini kade bekuvalele. Shenge ngithe angikulobele le ncwadi evulekile ngenxa yokudangala okusemoyeni wami ngenxa yezinto nezigameko ezingehlele ngiseyinkosi yasePhoyinti. Mntwana angithandi ukubiza amagama abantu ngithi yibo abakha itulo lokuthi ubukhosi basePhoyinti bugcine bufadabele.
Le ncwadi engikulobela yona ngiyiloba njengomuntu ojwayelekile ngoba engangithi ngiyikho kwagcina kudicileleke phansi kwaphela.
Isimo engiyisona singenza ngihlale nginesilokozane ngizizwe ngikhishwe inyumbazana eNdlunkulu ngoba ngazama ngehluleka ukusondela khona.
Ngalokhu kuchaza kwami angizami ukunxenxa uzwelo kuwena Shenge kodwa ngifisa wazi ukuthi seziziningi izigigaba zokuvinjelwa kwami eNdlunkulu ngithi ngizokwethamela uMkhosi waMhlanga eNyokeni. Ngomunye unyaka ngaphenduka inhlekisa ngesikhathi sifika eMkhosini wokweShwama, sathi singena ngehubo nezinsizwa zami zasePhoyinti kwaba khona abasihebezayo bathi: "Vimbani labo Marazo ababhema iwunga”
Shenge ngiyathanda ukukuveza ukuthi ngesikhathi ngehlelwa yizigameko ezagcina zishabalalise ubukhosi basePhoyinti ngazama ukubikela uSihlalo weNdlu yoBuholi beNdabuko inkosi uChiliza. Ekuxhumaneni kwami nenkosi yasemaDungeni ngingeze ngathi yathi ayibufuni ubukhosi basePhoyinti kodwa ngafunda kwezami ukuthi uChiliza ungichiliza ngezenzo.
Impendulo yencwadi engangimbhalele yona iyona eyangithena amandla ngoba ngangiyilobe ngazibiza ngenkosi yasePhoyinti kodwa yena wangiphendula wangibiza ngomnumzane ohloniphekile.
Shenge ngicela ungayithathi njengondendende le ncazelo engikunika yona ngoba isuswe yisaziso esiphuthumayo osikhiphe ngesonto eledlule lapho ubumema khona uZulu wonkana embizweni yeSilo yokuvikela umhlaba.
Udaba lomhlaba weSilo luvusa usinga ezintombini nasezinsizweni zasePhoyinti, ngikhuluma nje ziyaviva zikhuza isiqubulo esithi: "Uyadela wena osukhokhe uR5 wempi yomhlaba.” Yilesi simo esingenze ngazijuba ngathi angilobe le ncwadi ukuze ngithole ukucaciseleka ngokuthi samukelekile yini isizwe sasePhoyinti kule mbizo yeSilo? Ngikubuza lokhu ngenhlonipho ngoba sekukaningi ngiphoxeka sengifike emcimbini ngizithole ngingemukelekile.
Ngokubona kwami akufanele kube nabantu abakhishwa inyumbazana njengoba sibhekene nale mpi enkulu yokwephucwa umhlaba weSilo. OkaVolos uzishaya isifuba ngokuthi izintombi nezinsizwa zasePhoyinti seziqoqe imali elinganiselwa ku-R1 million wokuxhasa le mpi yokuvikela umhlaba. Inkinga ekhona wukuthi le mali sizothi siyiyisa eNdlunkulu njengobani ngoba asaziwa njengesizwe.
Ngokwesifiso sami bengingathanda uShenge abize umhlangano ophuthumayo nesizwe sasePhoyinti ukuze kuqaqeke lamafindo aboshiwe. Le mpi esibhekene nayo inkulu idinga sibumbane sibe munye kungabi bikho ukuthi abanye bazizwe bengafanelekile ukubamba iqhaza.
Shenge ngiyethemba ukuthi le ncwadi uzoyithathela phezulu ngoba angizimisele ukuvuma ukuthi kuthiwe le mali esiqoqwe yisizwe sasePhoyinti kufanele ifakwe kwi-akhawunti kawonke wonke.
Isizwe sasePhoyinti sifuna ukufika nesaka lemali siliqiqingile ukuze kubonakale ukuthi siyisizwe esinamabutho anamandla. Ngiyothokoza uma isicelo sami samukelekile ngoba kusukela emandulo umbuso kaZulu wawakhiwe yizizwe ezahlukene.