BASIZWE wukudayisa amagwinya bawafake ezinye izinto, bayeke ukuwafaka upholoni abadayisi basema-tuck shop kuleli BASIZWE wukudayisa amagwinya bawafake ezinye izinto, bayeke ukuwafaka upholoni abadayisi basema-tuck shop kuleli
ABANTU baseNingizimu Afrika abasayingeni eyokudla upholoni nama-vienna okwavela ukuthi sekudlule nenqwaba yemiphefumulo emuva kokuqubuka kwesifo esibulalayo iListeriosis.
Kuleli sonto kuvele ukuthi ukuthengwa kwalokhu kudla okusuke sekuphekiwe njengopholoni, amasosishi, amaviyena nokunye, kwehle ngo-75%, kwathi ukuthengwa kwemikhiqizo yenyama yengulube kwehla ngo-50%, okuyinto eseyenze ukuthi izinkampani ezidayisa lokhu kudla zehlelwe yinzuzo ngo-40%.
UMengameli wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa, utshele iPhalamende kuleli sonto ukuthi lesi sifo sidale nokuthi kube nabantu abangaphezu kuka-2 000 abalahlekelwe yimisebenzi.
Uthe nabantu abazizamela ngokudayisa ukudla, okubalwa amagwinya nokunye okusheshayo njengamasosishi, bashayeke kakhulu ngenxa yale nkinga.
“Ngesikhathi kuqala ukuvela izindaba ngalesi sifo, bashayeke kakhulu abantu abadayisa omagwinya, kodwa abanye bazisizile ngokuthi bayeke ukuwadayisa neminye mikhiqizo, bakudayise kodwa lokhu abasuke bezenzele khona," kusho uMengameli Ramaphosa obephendula imibuzo yelungu lePhalamende leDemocratic Alliance, uLindy Wilson, obefuna umengameli achaze ukuthi sekwenzekeni kuleli selokhu kwaqubuka iListeriosis.
URamaphosa uthe umbiko awuthole kwiSouth African Meat Processing Association, okuyiyo esekhaleni lokubheka konke okwenzekayo kule mboni selokhu kwaqubuka lesi sifo, ukhomba nokuthi izinkampani ezithintekayo ezikhiqiza lolu hlobo lokudla, zidla ngamapayipi nakwezezimali.
Nokho lezi zinkampani sezinxuswe wuhulumeni ukuthi zingafeli ngaphakathi kodwa azifake izicelo zosizo lwezezimali eMnyangweni wezokuHweba nezeziMboni kuleli.
Uthe isicelo ngasinye sizobhekwa, ngeke kuthathwe isinqumo esizofaka uwonke wonke.
Umengameli uthe njengamanje lokhu okuvelayo kuwumbiko wesikhashana, ukhona umbiko ozophinde ukhishwe njengoba kusabhekwa nokuthi ungakanani umonakalo owenzeke nasezitolo ezidayisa le mikhiqizo.
Selokhu saqubuka lesi sifo ngoJanuwari 2017, bangaphezu kuka-200 abantu asebeshonile okubalwa kubo nezingane ezisanda kuzalwa (ngokombiko wezibalo wangoMeyi nonyaka).