Izindaba

AMATHIPHU EZOTHANDO: Mkhulule ashaywe wumoya umaqondana

Distance Gumede|Published

Kunabantu abathi bangaqoma noma baqonywe, kuvele kube sengathi sebeboshiwe basejele bangabe besakwazi ngisho ukunyakaza kodwa lokhu.

Angazi noma basuke bethandana nabantu abangazithembi yini noma basuke bona uqobo bengathembekile.

Ayikho into ebaluleke njengokunikeza umuntu wakho isikhathi sokuthi ayozijabulisa, ukuze aphumuze umqondo nje eyedwa. Uyazi uma uzijabulisa nabanye abantu, engekho othandana naye uyakhululeka hhayi ngoba kusuke kukhona omfihlela khona. Kodwa nje lesi sikhathi okuthiwa yi“Me Time” sibalulekile kumuntu.

Nakhona kodwa awuvele nje uvuke usuthi gubhubhu uyahamba uyojabula kodwa kumele nixoxe nomuntu wakho nivumelane ngoba phela othandweni awuzicabangeli wena kuphela kodwa ucabangela nalo muntu othandana naye.

Namhlanje ngifisa ukuthi nginiphe amasu ukuze kuthi noma umuntu wakho ehambile usale ukhululeke ungasoli lutho.

1. Xoxani nomuntu wakho, umenze akhululeke futhi angakusabi noma ngabe ufisa ukucelani.

2. Ungabi nesandla sensimbi noma kungenasidingo, inqobo nje uma uzoba nolwazi lokuthi ukuphi nobani futhi wenzani.

3. Methembe umuntu wakho, uma kukhona akwenzile ongakuthandi unelungelo lokumtshela ukuze kube nesiphetho kuleyo nkinga.

4. Akuphoqi ukuthi kumele ajabule ngoba kukhona wena kuphela kodwa mvumele ajabule nabantu abakhonzile.

5. Uma ethe uzobuya ngaleso sikhathi, mlinde aze abuye ungalokhu umhlohla ngocingo ngaphandle uma kunento ephuthumayo.

6. Myeke akhululeke. Nginesiqiniseko sokuthi uma ekudinga uzokuthinta yena.

7. Uma kwenzeka sidlula isikhathi abethe uzobuya ngaso usungaqala ke umfonele ubheke ukuthi ngabe konke kusahamba kahle yini.

8. Uma ebuya ungalokhu umhlohla ngemibuzo ngaphandle uma kukhona yena afuna ukukuxoxela kona.

9. Akumele abuye athole ukuthi usudiniwe ngaphandle kwesizathu. Ungamoneli usuku lwakhe kade lumnandi.

10. Khumbula ukuthi injabulo yakhe iza kuqala ngaso sonke isikhathi.

Angikhethi bulili noma ngabe owesifazane okanye owesilisa, uyadinga ukuyozijabulisa noma ukushaywa wumoya ngaphandle komuntu othandana naye. Ayikho into emqoka njengokwazisa othandana naye, hhayi ngoba usuke ucela kodwa usuke ukhombisa ukumthanda nokumhlonipha.

Zincane izinto ezigcina ngokona uthando. Kwesinye isikhathi wena ungahamba uthi uyojabula kanti umuntu wakho akuzomphatha kahle ukuthi uhambe ungamazisanga, ukuxolisa kuyalumisa uthando ungafuni ukuvunwa noma ubhedile.